INHLANGANO – iDemomocracy Development Programme (DDP) ihlele uhambo lokwabelwana ngolwazi (exchange visit) phakathi kwabesifazane abangamalunga amele izinhlangano zepolitiki ezahlukene esiShayamthetho saKwaZulu-Natali (Multi-Party Women’s Caucus) kanye nabesifazane abangamalunga ePhalamende laseZimbabwe (Zimbabwe Women Parliamentary Caucus). Loluhambo lubonise ngokusobala amandla abantu besifazane uma behlangene ndawonye ngenhloso yokucobelelana ngolwazi. Kubanikeze ithuba lokuxoxisana ngezingqinamba ezifanayo abahlangabezana nazo ePhalamende kanye nasemphakathini yabo, kuphinde kwaqiniswa ubuhobo phakathi kwabo.
Loluhambo lokwabelana ngolwazi lubonise kahle kamhlophe ukuthi noma abantu besifazane bevela emazweni ehlukene kodwa bayakwazi ukuxoxisana ngokuzwana, futhi banombono ofanayo ikakhulukazi njengoba bonke bengabase Afrika lapho amadoda kuyiwo alawulayo.