ISimangalisosidaleamathubaangamakhuluamathathu omsebenzi eMkhanyakude

ISimangaliso sidale amathuba omsebenzi angamakhulu amathathu (300)kubantu abakhelene nePaki. Lokhu kuza ngemuva kokuthi umnyango weZamahlathi, Ukudoba kanye neMvelo  ugunyaze iSimangaliso Wetland  Park Authority  ukuthi sinikezele ngale phrojekthi ye-Cleaning and Greening  komasipala abathathu  baKwaZulu-Natali. UMnyango  wakwa-DFFE wabona kudingakala ukuthi kwenziwe imizamo eminingi uma kufunwa ukuvikelwa imvelo ekungcolisekeni kwase kwenziwa loluhlelo olubizwa ngokuthi yi-Municipal Cleaning and Greening.

ISimangaliso yisona esihola ukwenziwa kwale phrojekthi kumasipala wakwaMhlabuyalingana kanye neBig 5 Hlabisa (le phrojekthi yenziwa eHluhluwe naseMtubatuba) , kuqashwe abantu abayikhulu kumasipala   ngamunye.   iSimangaliso   sahlanganyela   nomasipala,   Amakhosi   kanye   nabaholi bemiphakathi ukulekelelwa ukuthi kuqokwe imindeni ehlwempu ukuba kuqale ngokuthi kuqashwe amalungu ayo kuqala. Umphathi omkhulu weSimangaliso Wetland Park uMnu. Sibusiso Bukhosini wancoma ukubambisana kanye

nokusebenzisana abakutholayo kulabo  ababambe iqhazakule phrojekthi okwenza ukuthi ibe impumelelo kakhulu.

Inhloso yalolu hlelo ukulwisana nesimo lapho imvelo icekeleka phansi kanye nokuqinisekisa ukuthi izwe lethu  alibhekani  nezimo  eziyingozi  kwimvelo  kanye  nokuthi  abantu  bahlala  endaweni  enemvelo evikelekile ehlomulisa isizukulwana samanje nesizayo. Lokhu kwenziwa ngaphansi kohlelo lapho abantu besifazane, intsha kanye nabantu abaphila ngokukhubazeka kuyibona bokuqala abaqashwayo.  Lolu hlelo lumayelana nokugcina izindawo zihlanzekile, kube kuqinisekiswa ukuthi abantu bayazuza okuthile ngalolu hlelo. Abahlomula kuloluhlelo basiza ngokuthi bahlanze amadolobha, imigwaqo, iPaki,izinkundla zemidlalo njalonjalo. Loluhlelo luphinde luhlose ukuqinisa ukuthuthukiswa kwemiphakathi.

Amalungu omnyango wakwa-DFFE, asanda kuvakashela iSimangaliso ukulandelela ukuthi ngabe le phrojekthi isiqalisiwe yini ezindaweni zomasipala. Umsebenzi weSimangaliso ukuvikela, ukugcina kanye nokwethula ubugugu boMhlaba esizukulwaneni samanje kanye nesizukulwane esilandelayo kube kuzuza imiphakathi ehlala ePaki kanye naleyo eyakhelene nePaki.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *