SHEILA MHLONGO
ITheku lidle umhlanganiso lizuza indondo yokuba uMasipala okwazile ukuthuthukisa abantu besifazane ngaphansi kohlelo lwe Gender Equality. Lokhu kuhlaluke ngesikhathi loMkhandlu wemukeliswa indondo emcimbini weSebenza Women Awards 2023, obubanjelwe eDurban ICC eThekwini ngoLwesihlanu lomhlaka 6 Okthoba 2023.
UMasipala weTheku uzuze indodo ngaphansi komkhakha we Best Perfoming Municipality omayelana nokuqhuba kahle uhlelo lwe Gender Equality ukwedlula abanye, kulokhu okusho ukuthi loMkhandlu ukwazile ukubhekela abantu besifazane ngaphandle kokubacwasa. Kanti njengoba izibalo ze Sencus ziqagula ukuthi imindeni ebalelwa kumaphesinti angu 40 iphethwe abantu besifane okungakho, uMasipala wenza konke okusemandleni ukubathuthukisa ngohlelo lwezomnotho (Women Economic Empowerment programme).
Kulo uhlelo lokuthuthukiswa kwabesifazane uMasipala weTheku utshala ngaphezu kuka R1,5million wamarandi minyaka yonke ukuze kuvaleke igebe elikhona emkhakheni egcwele kakhulu abesilisa ukuze kuvuleke isikhala sabantu besifazane. Kanti lokhu uMasipala ukwenza ngezinhlelo zokubaqeqesha uphinde ubacije ngolwazi kwezamabhizinisi. Ohlelweni iDurban Fashion Fair (DFF),ibona abazuza ngaphezu kwabantu besilisa ngamaphesenti angu 70.
Abantu besifazane baphinde bathole nethuba lokungena emabhizinisini ezolimo (Agribusiness), uMasipala uphinde ubatholele amathuba ezimakethe.
Ngokwesitatimende sabahleli bomcimbi we Sebenza Women Awards, uMnu Kini Shandu ebambisene noNksz. Gugu Kunene , sithi, iSebenza Women Award iyizinkomba zokubaluleka kweqhaza elibanjwe abantu besifazane kwezamabhizinisi kanye nasekuthuthukiseni umnotho lokhu okusiza kakhulu ekulekeleleni ukusombulula inkinga yokwesweleka kwemisebenzi.
Ngaphansi komkhakha woHulumeni baseKhaya (Local Government) kuhlomule ngezindondo iMeya yakuMasipala waseMlalazi, ukhansela Queen (QT) Xulu ozuze indondo yeWomen Leader in Government Sector, uBongiwe Majola wakuMasipala weTheku ozuze indondo ye Women Leadership in Local Government, kanye noNksz Nonkululeko Maphisa onguMphathi kuMasipala waseNdumeni, ozuze indondo ye Youngest Female Leader in Government.
ISebena Women Awards ibibungaza iminyaka eyisihlanu (5) yasungulwa uSihlalo, wayo uKininonke Shandu ebambisene nomsizi wakhe uNksz. Gugu Donsy Kunene oyi Project Manager. Lomcimbi obe yimpumelelo ubuhanjelwe osomabhizinisi besifazane bemikhakha ehlukene abebezokwamukela imklomelo yabo.
UMnu. Kini Shandu ube esebonga uMasipala weTheku ngokuxhasa umcimbi ngokubambisana nabe Brand SA, kanye neDUT Centre for Enterprise. Kanti babalelwa ku 500 abantu abebehambele iSebenza Women Awards 2023.