Bahlomule lukhulu abahwebi basendaweni yaKwaDabeka ngesikhathi kunomhlangano wokucobelelana ngolwazi obumayelana nenhlanzeko yokudla nokuphepha obuholwa wuMasipala weTheku. Inhloso yalo mhlangano bekuwukuqinisekisa ukuthi imithetho yebhizinisi ebalulekile iyathotshelwa. Bangaphezu kuka-30 abanikazi bamabhizinisi, okuhlanganisa abawasha izimoto, abanikazi bama-tuckshop, nabaphakayo, abebehambele lo mhlangano wokucobelelana ngolwazi.
Kuhlomule osomabhizinisi abancane baKwaDabeka ngezitifiketi kowokocobelelana ngolwazi
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/10/Kuhlomule-osomabhizinisi-abancane-baKwaDabeka-ngezitifiketi-kowokocobelelana-pic.jpg)