Sekuqalile ukulungiswa komgwaqo ophakathi kwaseZingolweni naseHarding KwaZulu-Natali

SHEILA MHLONGO 

ISouth African National Roads Agency SOC Limited (SANRAL) isikhiphe isitatimende sokuthi usuqalile umsebenzi wokulungiswa kwengxenye yomgwaqo oku N2 ophakathi kwaseZingolwen kanye naseHarding, KwaZulu-Natali.

USamantha Dladla oyi Project Manager ebhekele umsebenzi wokulungiswa kwemigwaqo kwi Eastern Region, uthe emva kokuhlola isimo sokonakala komgwaqo onjiniyela babone  kungcono kuqalwe  ngohlelo lwe excavation olumayelana nokulungiselela ukuqalwa kokulungiswa kabusha komgwaqo ukuze kugwenywe ukuthi kuqhubeke umonakalo.

Njengoba iSANRAL isiqokile usonkontileka okumele aqale umsebenzi onjiniyela nabo sebeqalile ukuhlela indlela yesikhashana (temporary detour)  yokuthi izimoto zibe zikwazi ukuhamba eceleni ngesikhathi sokwakhiwa umgwaqo 

Indlela eseceleni izoba amamitha angu -800 agudla eceleni komgwaqo odilikile oku N2, lokhu okuzokwehlisa izinga lokuphazamiseka kanye nokucinana komgwaqo ngenxa yomthamo wezimoto.

Uma sekuphothuliwe ukwakhiwa komgwaqo oseceleni ogudla ku N2, izimoto ezincane zona zizokwazi  ukuhamba kuwo kodwa izimoto ezinkulu amaLoli wona azoqhubeka nokusebenzisa umgwaqo odlula ku P58/59.

Umsebenzi wokuqala ukwakha indlela yesikhashana (detour) kanye nakuN2 uzoqala ekupheleni kuka Januwari 2024.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *