ZETHU PHOSWA
BEKUSEQHULWINI ukuthuthukiswa kwezemfundo nokuthuthukiswa kwentsha ngesikhathi kwethulwa imanifesto yenhlangano yezepolitiki iRise Mzansi, eyakhiwe ngokuhlanganisa imibono yabantu baseNingizimu Afrika.
Leli qembu elifolosa ngentsha lithi lizimisele ukwenza ingqophamlando,lizoqinisekisa ukuthi ezemfundo ziseqophelweni eliphezulu.
UNkk Nonkululeko Hlogwana -Mhlongo uthi uma beke bangena emandleni bazoqinisekisa ukuthi imfundo etholakala ezikhungweni eziphakeme, kayenzi ukuthi intsha eningi iquva emakhaya.
“Iningi labantu abahlezi emakhaya yilaba abafundile ngoba abafundiswa ngendlela ezokwenza baqasheke. Lokhu kuzoqinisa isasasa entsheni kulolu khetho luka-2024 ukuthi ivote.Kubonakala amaqembu amaningi ezepolitiki eyivalela ngaphandle intsha, ejwayele ukufolosa ngemidodovu yamakhehla nezalukazi,” kubeka uNkk Hlongwane -Mhlongo.
Uthi bazobhekelela intsha efesayo ngesibonelelo, bazobhekelela umndeni kanye nomphakathi.
“Sizoqala sigxile kakhulu emndenini nasemphakathini kakhulu. Sikholelwa ekutheni, ukuthuthukisa ikhaya, kuzala ukuthuthuka komphakathi, ukuthuthuka komphakathi ukuthuthukisa isizwe, ukuthuthukisa isizwe kungukuthuthukisa iNingizimu Afrika yonke. Imanifesto yethu siyenze ngokubhekana ngqo nezidingo zomphakathi, salalela izimvo zabantu nokuyiko esizogxila kuzo uma sesisemandleni,” kubeka uNkk Hlongwana- Mhlongo eqhuba ethi:
”Kasizogcina ngokubhekelela intsha kuphela kodwa sizoqinisekisa ukuthi siqhamuka namaqhinga amasha okuqinisa ezomnotho. Umnotho iwona mgogodla wezwe. Sizoqinisekisa ukuthi siletha imfundo engcono.”
UMnuz Songezo Zibi ongumsunguli wale nhlangano, wethembisa okuhle kodwa emkhankasweni wabo wokubusa iNingizimu Afrika.
”Sithinta ngqo izinto ebezinganakiwe, ezizobuyisa ithemba kubantu nezizogqugquzela intsha nabantu abese bephose ithawula ngokuvota. Amaqembu ezepolitiki aqhamuka nezethembiso ezingangezimpethu zendlovu njalo uma ekhankasa kodwa angakwazi nokufeza okukodwa uma sebesemandleni, baphenduke ogombela kwesabo,” esho kanje.

