Abalandeli baka Nongcebo Mc Kenzie bezwakalise ukuphatheka kabi eshiya Ukhozi FM

SHEILA MHLONGO
Abalandeli kanye nabalaleli bomsakazi uNongcebo Vukile McKenzie obeyisilomo esiteshini UKhozi
FM basale dengwane ngesikhathi engabuyiselwa ezinhlelweni zalomsakazo ngesikhathi kuqala
inyanga kaEphreli.
Ngosuku lwaso lokugcina lesilomo somsakazi woKhozi FM sezwakala sehluleka ngisho
ukuzibamba kwaqhuma isisililo emoyeni ngesikhathi sivalelisa ohlelweni lwaso lokugcina.
Kanti nemilayezo yabalaleli abebephatheke kabi ngokuhamba kwakhe, uMcKenzie yabe
ilokhu ingene njalo abanye bembuza ukuthi uyaphi mayesuka o Khozini. Kulokhu
Ubevese ephendule ngokuthi “Nami angazi ukuthi ngiyaphi kodwa engikwaziyo ukuthi
ngiyahamba” abanye bemvalelisa bemfisela okuhle ohambweni lwakhe.
“Bengingcina ngci ukusakaza namhlanje. Kufike abalaleli bengilethele izipho
bezongivalelisa. Ngiswele imilomo eyinkulungwane yokubonga uthando umlaleli nomlaleli
woKhozi angikhombise lona.Ngiyabonga imiyalezo, amaDM, ama VN athunyeliwe
emsakazweni, amaVN angene kumaDM. Ngiyabonga ngiyanconcoza.” Kusho uNongcebo.
Eminye imiyalezo yabalaleli abebezifela ngalesilomo somsakazi nacashunwe ekhasini lakhe
uNongcebo afundeka kanjena:
  Bhambatha Ka Mancinza Bonginkosi – Kwaze kwabuhlungu ngo Nongcebo Vukile
McKenzie sokulandela la oya khona.. believe in God..ngeke akulahle.

Mapholoba Shalom – Mina ngiyajabula ngoba igama lakho lihlanzekile lokhu okusho ukuthi
usengakwazi ukuthi uthole amanye amathuba angase avele angeke neze uhlupheke.
Ngikufisela konke okuhle. Uma udinga iGraphic Designer ungasabi ngikhona
Sanele Dlamini Sanele-uVukile Nongcebo McKenzie selumlaxazise okwenyongo yeBaffalo
uKhozi FM asesebenze kulo 16years.Okuzwise kakhulu ubuhlungu abalaleli boKhozi FM
ukumuzwa ekhihla isililo emoyeni namuhla 31 March 2024 ebavalelisa.
Kodwa ngathi abantu besifazane banokuqinisa kakhulu isandla makuziwa kwabanye
besifazane uma besezikhundleni.Program Manager noStation Manager boKhozi FM
bacabanga kangaka uKhozi balwenza olwakubo. Nangale kuGagasi FM Ayanda Milansi
ume eNtabeni nesiswebhu ushaya abesifazane.
Mxolisi Zwidelihle Nxumalo- Bengiqala ukuzwa umsakazi ekhala emoyeni kwaze
kwabuhlungu
Ntando Ndayini Da Writer- Ngisabathe ngiyayiziba lento kayizibeki s’dalo
Yize indawo nendawo inemigomo yakhona yokusebenza. Cha kodwa uMsakazo wesiZulu
usigqeme engeqiwa ntwala kuSisi Nongcebo angifuni ukuqamba amanga Okuhle kodwa
Mkhaya wami Sisi Nongcebo Vukile McKenzie
IziNgqwele Zabathandi bakaMaskandi  · 
Nongcebo Vukile Mckenzie Kubuhlungu ke ukuthi udali bamushaye ngesithende ku khozi
olumaphixiphixi
Bashiya lezinja ezingakwazi ukusakaza Kahle hle alusenaye msakazi u khozi Asithembe
kodwa ukuthi uzothathwa abanye uNongcebo ngalelo phimbo elimtoti bakithi
Bongani Ntombiziyamshalazela Dlamini  ·   · 
Alikho iqiniso kuloya msakazo uKhozi fm, ibuhlungu lento eyenzeke ku Nongcebo Vukile
Mckenzie uze wakhala usisi wabantu!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *