![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/image-11.png)
OWAMI THABETHE
UNGQONGQOSHE omusha wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga, usekhiphe umyalelo wokuthi kuphenywe ngokugcwele ngezinsolo zokuhlukunyezwa kwezingane e-Aryan Benevolent Home Child and Youth Care Centre eChatsworth, eThekwini.UShinga uvakashele lesi sikhungo ngoLwesibili, kulandela izinsolo zakamuva zokuhlukunyezwa kwezingane kuleli khaya.
Ngokomnyango wesifundazwe, imibiko iveza ukuthi abasebenzi bakulesi sikhungo abawazibe amalungelo ezingane njengoba kunezigameko zokushaywa kwezingane zifakwe amathawula namabhande.UShinga uthe kuyadumaza ukuthi abaphathi kulesi sikhungo abakwazanga ukuphawula ngokuhlukumeza.
“Ngikholwa wukuthi umuntu oyedwa bekumele ayibheke le nto ingakafiki kulesi sigaba ngoba kade yenzeka.”IMenenja Jikelele yalesi sikhungo, uRay Naguran, uqinisekisile izinsolo zokuhlukunyezwa nokuthi izingane ezingu-48 zihlukunyeziwe.U-MEC umemezele ukubunjwa kwethimba labaphenyi elizimele ukuze lihlole ngokucophelela ngalokh.“Ithimba labaphenyi lizosebenza ngokuzikhandla ukuze lidalule iqiniso, linikeze ukweseka noma yiziphi izingane ezithintekayo, futhi liqinisekise ukuthi kuthathwa izinyathelo ezifanele kunoma yibaphi abenzi bokubi.”UShinga wengeze ngokuthi ithimba lizolinda nezinye izingane ezingu-21 ezihlala kuleli khaya, ezisemaholidini okumanje zingekho ukuthi zibuye kuzwakale uhlangothi lwazo ngalezi zinsolo.
Ithimba elizobe liholwa yiNhloko yoMnyango linikezwe amasonto amathathu ukuthi liphothule uphenyo lwalo bese lihlanganisa nombiko ukuze liwubuyekeze. “Umnyango usamile emkhankasweni wawo wokuvikela amalungu omphakathi asengozini enkulu futhi uphakamise izinga eliphezulu lokunakekela ezikhungweni zethu zezenhlalakahle. Ukuphepha kanye nenhlalakahle yezingane zethu kubaluleke kakhulu, noma yiziphi izigameko zokuhlukunyezwa kwezingane zizothathelwa izinyathelo ezinqala futhi eziwujuqu,” kusho uShinga. UNaguran uthe abane abanakekeli bezingane baxoshiwe