ISilo uMisuzulu sifuna abaholi bendabuko babenezwi makuthathwa izinqumo zikahulumeni esifundazweni

Esithombeni: INgonyama yamaZulu, ISilo uMisuzulu kaZwelithini kaBhekuzulu

OWAMI THABETHE

ISilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini kanye nesizukulwane esisha sabaholi bendabuko KwaZulu-Natal bafuna okungaphezu nje kwemisebenzi yemikhosi, bafuna izwi langempela ezinqumweni zikahulumeni.

Amakhosi akasafuni ukuba ngamalungu omkhandlu angenawo amandla angempela kuhulumeni wezokuBusa NgokuBambisana.

Ukuphatheka kabi kwabo kucace ngesikhathi iSilo uMisuzulu sikhuluma esiShayamthetho saKwaZulu-Natali sathi abaholi bomdabu akumele babonakale bengabantu nje bemicimbi.

INgonyama igcizelele ukuthi abaholi bendabuko bangathuthukisa isifundazwe ngezokuvakasha, ukubusa ngokubambisana nokulwa nobugebengu. Ufune ukuthi uhulumeni anikeze abaholi bendabuko indima ebalulekile ekuthathweni kwezinqumo futhi wacela bengalwi noshintsho oludingekayo esikhathini samanje. Ikhwelo lakhe liza ngemuva kokuthi abaholi bendabuko bezwakalise ukukhathazeka ngokubukelwa phansi kanye nokusetshenziswa njengamalungu emikhosi koSopolitiki.  Abaholi bendabuko njengamanje babamba iqhaza emihlanganweni yomkhandlu kodwa abakwazi ukuvotela isabelomali noma izinqumo zikaMasipala.

Inkosi Sakhile Mdlalose yaseVryheid ithe kubaphatha kabi kakhulu ukuya emihlanganweni yomkhandlu kuMasipala batshelwe ukuthi abavumelekile ukuphawula noma ukuvota.

“Ngake ngaba yilungu likaMasipala waseBaqulusi njengomholi wendabuko. Umthetho wawusicacele ukuthi asikwazi ukuvotela isabelomali futhi satshelwa ukuthi singaphawuli ngezindaba zomkhandlu. Sifuna amandla ethu ekade sinawo ngaphambi kwamaqembu epolitiki nokufika kobukoloni,” kusho uMdlalose.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, naye uveze  ukhathazeka  ngoNksz Londiwe Ngcamu osebenzisa udaba olubucayi lokuvikelwa kwamakhosi ukuqola abahlukumezekile abangase bakhohliseke babhalisele uhlelo lwakhe lomgunyathi.

UNksz usabalele ezinkundleni zokuxhumana, ezibiza ngenkosazane ethi kumele omakadebona bezempi beze nama-CV abo ukuze bangene kulolu hlelo lomkokotelo. UCOGTA kanye neNdlukulu kaZulu bathe abazi lutho mayelana naloludaba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *