OWAMI THABETHE
IMeya kaMasipala weTheku uKhansela Cyril Xaba , uxoxisane noNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda, uMnu Dean Macpherson bavumelane ngokuthi basebenzisane ukuze kutholakale izisombululo enkingeni zamabhilidi amabi akhahlazekile edolobheni.Bethule lenkulumo phambi kwesithangami sabezindaba e Thekwini City hall ngomhlaka 26 Agasti.
IMeya icacise ukubaluleka kokuvuselela kanye nokunakekelwa kwamabhilidi ase CDB uma befuna ukuheha ukutshalwa kwezimali edolobheni.i. I-CBD ingelinye lamabhilidi ayigugu leTheku.
“Loluhlelo luhambisana kahle nomgomo wethu wokuvuselela idolobha elingaphakathi ukuze sihehe ukutshalwa kwezimali. Uma izakhiwo sezilungisiwe futhi zasetshenziswa kabusha, singakwazi ukwenza imali ngazo”,kuchaza uXaba.
Sebeluqalile-ke uhlelo lokuvuselela kabusha amabhilidi asenkabeni yedolobha olugxile ezakhiweni ezigugile, ukuphathwa kwendawo yomphakathi kanye nokuqiniswa kwemithetho kaMasipala. UXaba uphinde wagcizelela ukuthi ayikho iphrojekthi eseqhulwini njengalena yokuvuselela idolobha lethu.
Amathimba asehlonze amabhilidi awu-76 angasebenzi, ashiywe dengwane, aduniwe futhi aminyene. Kulawa, awu-58 aphethwe abantu abazimele kanti ewu-18 yizakhiwo zikahulumeni futhi yizona ezisemqoka ukuba zinakekelwe nguNgqongqoshe. Kuphindwe kwatholakala ukuthi amabhilidi angu-16 kulawa aduniwe athathwa ngabantu ngokungemthetho.
“Kusukela lolu hlelo luqalile, sikwazile ukuthola ukuthi sekunamabhilidi angu-12 asevuselelwe ngabanikazi bawo, kanti futhi sekuyaphetha ukudilizwa kwe Chinese Emporium building. Kunezakhiwo ezingu-7 eziduniwe kodwa sezibuyele kubanikazi bazo, kanti njengoba uhlelo lusaqhubeka nje sesikwazile ukulungisa amabhilidi angu -7”, kuphetha uXaba.