UMnyango wezaseKhaya nesu leminyaka emihlanu lokwenza ngcono umsebenzi wawo

SHEILA MHLONGO

Emva kweminyaka kuncishiswa Isabelomali soMnyango wezaseKhaya, manje sekudingeka kuphela amaphesenti angu 40 wabasebenzi ukuze benze umsebenzi ngaphansi kohlelo olusha oludinga ukuthi umuntu azifikele mathupha emahhovisi omnyango.

Loluhlelo olukhona angeke lukwazi ukusimama ngokwezimali kanti futhi alinabo ubufakazi bokuthi lingakwazi ukusebenza kahle, okungakho ludinga ukuthi lubekwe bucala bese kusetshenziswa lolu olukwazi ukuthi umuntu asizakale noma engafikanga mathupha emahhovisi.

UNgqongqoshe waloMnyango wezaseKhaya uMnu Leon Screiber uthi isifiso sakhe ukuthi kungabikho muntu waseNingizimu Afrika okuyomele athole ukusizakala kuphela ngoba eze wafika emahhovisi.

“Yonke imisebenzi yoMnyango kumele amakhasimende akwazi ukuthola izidingo zawo ezihlalele emakhaya esebenzisa indlela e-digital etholakala online.” Kusho uScreiber.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *