SHEILA MHLONGO
UMengameli wezwe uMnu. uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi owayenguSekela Mongameli uDavid Dabede Mabuza uzohlonishwa ngomngcwabo weSizwe wesigaba sesi-2 mhlaka-12 Julayi 2025.
USekela Mengameli Mabuza, (64) owaphatha lesikhundla kusukela ngo-2018 kuya ku-2023, ushone ngoLwesine lomhlaka-3 Julayi 2025 emva kokugula isikhashana.
Esitatimendeni esiphume ngeSonto lomhlaka-6 Julayi, iHhovisi likaMengameli lithe ngokohlelo lwezokuhlonipha olwaziwa nge-State, Official and Provincial Official Funeral Policy Manual, uMngcwabo Wesigaba sesi-2 ugcinelwa oSekela Mengameli beSizwe, uMengameli osebenzayo (Acting President) kanye nabaSekela Mengameli bangaphambilini.
Lo mngcwabo wesigaba sesi-2 wenziwa ngezindlela ezihambisana nezinhlelo zokuhlonipha amasosha (military ceremonial honours).
“Umngcwabo kaSekela Mengameli Mabuza uzoba seMpumalanga.
“Ngesikhathi amalungiselelo eqhubeka, uMengameli uRamaphosa umemezele ukuthi izinsuku zokuzila kazwelonke ziqale ngoMsombuluko, 7 Julayi 2025, kuze kube kusihlwa ngoMgqibelo, 12 Julayi.
“Ngalesi sikhathi, ifulegi lesizwe kumele lindizele phakathi (lihlale liphansi) kuzo zonke iziteshi ezifake amafulegi ezweni lonke,” kusho uHhovisi likaMengameli.
UMengameli uRamaphosa uphinde wadlulisa amazwi enduduzo ejulile emndenini wakwaMabuza.
“UMengameli uhalalisela umndeni ngamandla njengoba bona kanye nesizwe becabanga ngezimpilo zalesi sihlakaniphi somndeni, isishoshovu, uthisha, isazi kanye nomholi kuhulumeni onikele kakhulu ekutholeni inkululeko nentuthuko emphakathini wethu.” kusho isitatimende. – SAnews.gov.za

