Kungene izicelo zomsebenzi ezingaphezu kuka-60,000 kwi-website yezokuqashwa kwabasebenzi ye-SAPS

SHEILA MHLONGO

Uhlelo lokufaka izicelo zokuqashwa kwabasebenzi  ku-South African Police Service (SAPS)  emaPhoyiseni aseNingizimu Afrika luyaqhubeka nokwamukela inqwaba yezicelo zokungena ngaphansi kwesigaba se-Basic Police Learning Development Programme (BPLDP).kwi-website ethi https://erecruitment.saps.gov.za/, eyethulwe ngokusemthethweni ngoMsombuluko wokuphela kuka Juni.

Kungakapheli namahora angu-24 selokhu kwethulwe le website, i-SAPS isithole izicelo ezingaphezu kuka-67 774 ezivela ezingxenyeni ezahlukene zezwe.
“I-SAPS iyakuqonda  ukuthi iwebsite  ibhekene nokubambezeleka ngenxa yesibalo esikhulu sabafaka izicelo. I-Technology Management Services (TMS), ehlanganisa nochwepheshe be-IT, iyaqhubeka nokuqapha inani lezicelo ezingenayo.

“Abafake izicelo bayelulekwa ukuba babe nesineke futhi baqhubeke nokuvuselela ikhasi lamathuba emisebenzi,” kusho i-SAPS esitatimendeni.
Usuku lokugcina lokufaka izicelo kuhlelo lwe-BPLDP ngu-18 Julayi 2025.
Zonke izicelo kufanele zithunyelwe ngewebhusayithi kuphela hhayi nge-imeyili. – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *