UMasipala weTheku ucacisa ngodaba lokufuneka kwama-ID emitholampilo

SHEILA MHLONGO

UMasipala weTheku  usekhiphe isitatimende  mayelana nokukhathazeka komphakathi  kulandela  umyalelo osabalaliswe ezinkundleni zokuxhumana  okhuluma ngesaziso esiseceleni kwesinye sezikhungo zezempilo, esicela iziguli ukuthi zilethe izincwadi zawo zokuhlonza (ama-ID) uma zivakashela esibhedlela.

Lolu lwazi luvele  kabi kwaba sengathi abantu abangenazo izincwadi zokuhlonza bayenqatshwa ukufinyelela ezinsizeni eziyisisekelo zezempilo. UMasipala ufuna ukuqinisekisa emphakathini ukuthi lokhu akulona iqiniso.

Njengengxenye yenqubo ejwayelekile, iziguli ezivakashela noma yisiphi isikhungo sezempilo sikaMasipala okokuqala ziyacelwa ukuba zilethe ama-ID ukuze kuvulwe ifayela leziguli. Uma ifayela selivuliwe, isiguli asisadingi ukulethela i-ID uma sivakashela esikhungweni esifanayo esikhathini esizayo.

UMasipala uzibophezele ekuhlinzekeni ngezinsiza zezempilo ezitholakala kalula kubo bonke, futhi ukhuthaza izakhamuzi ukuthi ziqhubeke nokusebenzisa imitholampilo yawo engu-59 ukuthola usizo lwezempilo olubalulekile. Umphakathi uyanxuswa ukuthi ungadukiswa ulwazi olungelona iqiniso futhi ucelwe ukuthi uthinte imitholampilo yendawo ukuze uthole incazelo ecacile mayelana nenqubo yokusebenza.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *