NTOMBIFUTHI BUTHELEZI
I-South African Social Security Agency (SASSA) iqale ngokusemthethweni umkhankaso wokuqinisekisa oqondiswe kwabathola isibonelelo sikahulumeni abamakwe ngokungakwazi ukudalula imali yabo.
Lesi sinyathelo esibalulekile siza emva kokuthi kunokukhathazeka okukhulayo mayelana nokukhwatshwaniswa kwemali kanye nesidingo sokuqinisekisa ukuthi izimali zosizo lwezenhlalakahle zitholwa yilabo abafaneleka ngempela.
“I-Sassa isaqhubeka nokubuyekeza izibonelelo zikahulumeni zalabo okuhloswe ukuthi bahlomule okusolakala ukuthi banezinye izindlela zokuhola ezingazange zidalulwe.” kusho lenhlangano esitatimendeni esikhishelwe abezindaba.
Abahlomuli abazithola bekulesi simo bakhuthazwa kakhulu ukuthi balethe imibhalo ethile ukuze bagweme ubungozi bokulahlekelwa yimali yabo yezibonelelo zikahulumeni.
Amakhasimende angakhokhelwanga ayacelwa ukuthi avakashele amahhovisi akwa-SASSA aseduze nawo. I-SASSA izonquma ukuthi ikhasimende liyafaneleka yini ukuthola isibonelelo sikahulumeni,” kusho izikhulu zakwa SASSA.
Imiphumela yokungathobeli imithetho ingaba mibi kakhulu. Le nhlangano ixwayise ngokuthi ukuhluleka ukulandela uhlelo lokuqinisekisa kungase kuholele ekumisweni kwezibonelelo.
“Abahlomulayo abahluleka ukuhambisana nalolu hlelo basengozini yokumiswa izibonelelo zabo. Ukuqhubeka nokungalandeli imigomo yabo kungase kuholele ekutheni izibonelelo zabo ziphelelwe unomphela.” kuxwayisa isitatimende.
AbakwaSASSA benze kwatholakala uhlu oluphelele lwezinto ezidingekayo kwabathola izibonelelo. Lokhu kubandakanya:
- Ikhophi eqinisekisiwe yedokhumenti kamazisi noma ikhadi le-smart ID.
- Izitatimende zasebhange zezinyanga ezintathu ezedlule zawo wonke ama-akhawunti asebenzayo.
- Ubufakazi bokukhishwa kumqashi wokugcina noma i-afidavithi efungelwe uma bungatholakali.
- Izitifiketi zokuzalwa eziqinisekisiwe zezingane ezixhumene nesibonelelo sikahulumeni kanye nama-afidavithi.
- Amadokhumenti obunikazi izakhiwo, amareythi nezintela zezakhiwo ezingahlali muntu.
- Noma yimaphi amaphepha abonisa imali engenayo eyengeziwe.
Lolu hlelo luyingxenye yokuzibophezela okuqhubekayo kwe-SASSA ekwenzeni izinto obala kanye nokungenzeleli ekwabiweni kwezibonelelo zikahulumeni, okuhloswe ngayo ukuvikela lolu hlelo ekusetshenzisweni budedengu ngesikhathi iqinisekisa ukuthi abahlomuli bangempela bathola usizo abaludingayo.

