UNdunankulu uNtuli ugasele ezimbonini eqhuba umkhankaso we-Operation Engangeni Ngesango Iyafohla

SHEILA MHLONGO

ETHEKWINI–Ngaphansi komkhankaso obizwa nge- Operation Engangeni Ngesango Iyafohla, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa Thamsanqa Ntuli ngokwesikhundla sakhe sokwengamela uMnyango wezokuPhepha kanye nezokuXhumaniswa koMphakathi ugasele ezimbonini zaseMbilo eThekwini kungazelele muntu, nokulapho kusolakala khona ukuthi kuqashwa abantu bangaphandle abangenazo izincwadi zokuhlala ngokusemthethweni eNingizimu Afrika.

Phakathi nalolu hlelo, uNdunankulu uNtuli ugcizelele ukubaluleka kokuthi izakhamizi zingazithikamezi iziphathimandla noma zivimbe abantu abangenazincwadi ukuthi bafinyelele ezikhungweni zezempilo zomphakathi. Uthe leyo yinkinga okufanele ibhekwe amaphoyisa, hhayi umphakathi.

UNdunankulu uthe ukugasela kwabo ezimbonini kube impumelelo ngoba bakhona abokufika ababoshiwe nakuba omunye usomabhizinisi wemboni ebhaka amakhekhe ebalekile kanye nabanye kodwa bathole isimo esingagculisi nesinyantisayo lapho kuhlanganiswa khona inhlama kaflawa kugcwele namakatini okuyinto embi kakhulu ezimpilweni zabantu abadayielwa lamakhekhe futhi asabalaliswa iKwaZulu-Natali. Imboni ivaliwe kuze kube kugcinwa izimfuno ezifanele, kanti ababoshiwe bazobuyiselwa emazweni abo.

Mayelana nezisulu zezikhukhula ezaxoshwa emahhotela ngenxa yokungakhokhelwa, uNdunankulu uNtuli uzwakalise ukudabuka ngesimo abahlangabezane naso. Uthe loludaba luzophenywa futhi kukhulunywe ngalo emhlanganweni ohlelelwe ukuba wenzeke phakathi kwamalungu ekhabhinethi.

Uphinde wagcizelela ukuthi akukho muntu okufanele avimbele abantu abangenazincwadi ukuthi bathole usizo lwezempilo, ngoba lokho akuhambisani noMthethosisekelo waseNingizimu Afrika nowokuhlonipha isithunzi somuntu

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *