I-Home Affairs yethule izikhungo ezintsha phesheya

ZAMA MAJOLA

UNgqongqoshe Wezasekhaya, uDkt. Leon Schreiber, usememezele ukwethulwa kwezikhungo ezintsha zezinsiza zoMnyango Wezasekhaya phesheya.  Lezi zikhungo kubhekwe ukuthi zisize abantu baseNingizimu Afrika abahlala phesheya kwezilwandle. UNgqongqoshe u-Schreiber wethule izikhungo ezimbili zokuqala zosizo eSydney naseMelbourne, e-Australia kanti esinye sizovulwa ePerth ekupheleni kukaSepthemba. Izikhungo ezimbili nazo sezavulwa e-Auckland naseWellington nase New Zealand. Lokhu kungaphezu kwesikhungo sezinsizakalo eLondon, e-UK  esesivele sisebenza.

Ezinyangeni ezizayo  uMnyango Wezasekhaya uzovula izikhungo ezengeziwe zokusiza e-United Arab Emirates naseChina, kulandele iFrance, iJalimane neNetherlands ngasekupheleni konyaka  kanye neNyakatho Melika ngonyaka olandelayo. Ukuvulwa kwezikhungo zezinsiza emhlabeni wonke kuletha ukugculiseka ezakhamuzini zaseNingizimu Afrika ezihlala kwamanye amazwe.

 

Izikhungo ezintsha ezivulwe phesheya zizohlinzeka ngalokhu okulandelayo:

 • Ukufakwa kwesicelo kanye nokucutshungulwa kwamapasi abantu abadala nabancane, kokubili amaphasiphoti amasha kanye nokuvuselelwa, okuqeda isidingo sokuhamba noma ukulinda unomphela ukuqokwa kwamanxusa.

 • Izicelo zokubhaliswa kokuzalwa.

• Uhlelo olusha lokubhukha ku-inthanethi oluletha ukwakheka nokungafihli lutho ekuhleleni.

  • Ukulandelwa kwezicelo okusekelwe nge-imeyili nange SMS ukuze amaklayenti agcinwe enolwazi ngazo zonke izinyathelo esezithathiwe.

• Amahora okuvula kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, ngo-09:00 kuya ku-12:00  nango-13:00 kuya ku-17:00

UMnyango Wezasekhaya manje ususondele kakhulu kunangaphambili kubantu baseNingizimu Afrika abahlala phesheya. Lokhu kuthuthukiswa kumayelana nokuletha isithunzi kubantu baseNingizimu Afrika – noma yikuphi lapho behlala khona emhlabeni.  “UMnyango Wezasekhaya manje usuhlinzekela abantu baseNingizimu Afrika kuhlanganise nalabo abahlala phesheya ngendlela engakaze ibonwe ngaphambilini,” kusho uNgqongqoshe u-Schreiber.

Ukubhukha ukusebenzisa izinsiza ezisanda kuvulwa e-Australia kungenziwa lapha: https://services.vfsglobal.com/aus/en/zap/attend-centre. Ukubhukha ukusebenzisa izikhungo ezisanda kuvulwa eNew Zealand kungenziwa lapha: https://visa.vfsglobal.com/nzl/en/zaf/attend-centre.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *