Kunezinto okumele uzidedele ziphume kuwe

Ngisho kungabe bewuzithanda kanjani , just let it go. Yes i know it’s hard ukwamukela ukuthi umuntu omthandayo uyakushiya just let it go. Ezinye izinto kuyomele uzidedele ziphume kuwe.

Sonke amanzi siyawaphuza kepha uma sekukhona lawa asethe aphenduka umshobingo uyaye ungawavimbi. Ngithi khumbula umshobingo usuke ukade uphuze amanzi kwase kuba khona lawa asephenduka umchamo.

Lawo manzi asephenduke umshobingo awukwazi ukuwagcina emzimbeni kuwe ngoba angase akugulise. Ngamafishane ngithi kunabantu oyobafaka kuwe, bese kuba khona labo abayokuphendukela  bafane nomchamo.

Khumbula ngithe umchamo ubukade uyingxenye yalamanzi okade uwaphuzile. Therefore,  mudedele umuntu osebona ukuthi kumele aphume kuwe musa ukumgcina kuwe. Ubona sibhedelwa izinto nje, yingoba sisuke sagcina abantu asebaphenduke imichamo kuthina.

Umchamo yinto ongeke uyiphuze nengakugulisa, so why ugcinene nomuntu okujikele esiswini nosefuna ukuphuma kuwe, just let it go.

Mdedele aphume kuwe, mhlawumbe nezinkinga onazo zizoshabalala.

Brian Smile The Motivational Speaker and a life coach

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *