UNimrod Nkosi uxwayisa abesilisa

ZAMA MAJOLA

UNimrod Nkosi uphumela obala ngokuqolwa ngokukhulelwa komgunyathi. Umethuli wezinhlelo kumabonakude uMnu. Nimrod Nkosi udalule kwiKing David Podcast ukuthi wakhohliswa yintombi yakhe yakudala eyenza sengathi ikhulelwe yaze yamkhombisa nama-ultrasound scan okungewona awayo. UNkosi uchaze indlela abejabule elungiselela ukuba ubaba, kamuva wathola ukuthi ukukhulelwa kwakungamanga aphelele. 

“Ngaqolwa umuntu engangimthanda ngimethemba wangikhombisa ama-scans enza sengathi ukhulelwe ngempela.” kusho uNkosi. Lesi sambulo sivuse izingxoxo ezisabalele ku-inthanethi, abaningi bencoma uNkosi ngokwethembeka kwakhe ngokuthi abavezele ukuthi naye ungomunye wabakhohlisiwe ephinde eveze nobuhlungu obuze naleyo nkohliso. Abanye bacele ukuqwashiswa okwengeziwe mayelana nabesilisa abahlukunyezwa imikhonyovu yobudlelwano. UNkosi ugqugquzele abantu ukuthi bathembele emibonweni yabo futhi baqaphele ebudlelwaneni wathi isipiliyoni nakuba sibuhlungu  simenze waqina futhi waqikelela.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *