UMasipala weTheku usingathe i Anti-Crime and Social Cohesion Summit

SHEILA MHLONGO

UMasipala weTheku usingathe iAnti Crime and Social Cohesion Summit okuyingqungquthela ebibanjelwe  eDurban ICC ngoLwesibili lomhla ka-28 Novemba, nobekuhloswe ngayo ukudingida  amasu okulwa nobugebengu.

Ngokodaba olucashunwe ekhasini leFacebook yoMkhandlu weTheku lubikwa ukuthi kuyo lengqungquthela kuphinde kwadingidwa namasu okudala amathuba emsebenzi kanye nokukhuthaza ubumbano emphakathini ngokwehlukana kwayo.

Khona manjalo iMeya yeTheku ukhansela uMxolisi Kaunda uthe kuningi osekwenziwe kodwa futhi kusekuningi  nokusamele kwenziwe ukuqinisekisa ukuthi iTheku lihlale lihamba phambili kwezokuvakasha nokuphepha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *