Kukhuthazwa  abakhubazekile okuchithwe izicelo zesibonelelo ukuthi bafake izikhalazo zabo

Kukhuthazwa abantu abakhubazekile ukuthi bafake izikhalazo zabo mayelana nezicelo zabo zesibonelelo sokukhubazeka ezingaphumelelanga. Lokhu  kudalulwe isitatimende seSANews, lapho sithe umuntu okhubazekile unelungelo lokufaka isikhalazo sakhe ezinsukwini ezingu-90 emva kokuthola impendulo echitha isicelo sakhe, futhi okhubazekile unelungelo lokufuna incazelo kubasebenzi bakwaSASSA .

Continue reading

Abantu bakuleli bayanxuswa ukuthi bahloniphe amalungelo abantu abakhubazekile

Njengoba inyanga kaNovemba kusukela ngomhlaka 3 kuya kumhlaka 3 Disemba kubungazwa kuphinde kuqhutshwe umkhankaso wokuqwashisa  umphakathi ngamalungelo abantu abakhubazekile.UNgqongqoshe obhekele Abesifazane, Intsha  abantu abakhubazekile,uDktl Nkosazane Dlamini-Zuma, usememe abantu bakuleli okuhlanganisa izinhlangano zomphakathi ezahlukene ukuthi babambe iqhaza lokuqwashisa mayelana nokubaluleka kokuhlonipha amalungelo abantu abakhubazekile.

Continue reading

Alikho izinga lokuhlukumeza elamukelekile

Sanibonani sizwe esinsundu, bantu bakithi kulomhlaba kungaba yisemshadweni noma kwezothando noma ngaphandle komshado alikho izinga lokuhlukumezeka elamukelekile noma kusemndenini uma uzizwa uhlukumezekile ungathuli nakho, cinga noma bheka lapho ungasizakala khona bese ubika udaba lwakho ungathuli  ngoba abahlukumezi bayakhululeka uma bengajeziswa bagcine sebekwenza ngezindlela ezeqile .

Continue reading

Iqembu leDA linethemba elikhulu lokuthi lizowuqumba phansi umbuso weANC

Iqembu leDemocratic Alliance (DA) lithi linethemba elikhulu ukuthi lizowuqumba phansi umbuso we qembu leANC. Lokhu kushiwo uMengameli wayo uMnu. John Steen Huizen ngesikhathi leliqembu lisingathe umkhankaso wokukhuthaza abantu ukuthi babhalisele ukuvotela ukhetho luka 2024. Kanti lomkhankaso ububanjelwe Exhibition Centre, eThekwini ngoMgqibelo womhlaka 4 Nobemba 2024.

Continue reading