Kuyavulwa kulenyanga kaNovemba ukufakwa kwezicelo zoxhaso lwe NSFAS
SHEILA MHLONGO Sesifikile leso sikhathi sokuvulwa kokufakwa kwezicelo zoxhasomali lwe National Student Financial Aid Scheme (NSFAS), okuzokwenzeka kusukela kumhlaka 21…
SHEILA MHLONGO Sesifikile leso sikhathi sokuvulwa kokufakwa kwezicelo zoxhasomali lwe National Student Financial Aid Scheme (NSFAS), okuzokwenzeka kusukela kumhlaka 21…
UMnyango Wezemisebenzi kaHulumeni kanye neziNgqalasizinda , usukhiphe isitatimende esexwayisa abantu bakuleli ikakhulukazi labo abafuna amathuba emisebenzi kanye nosomabhizinisi abancane mayelana nezinswelaboya eziphume umkhankaso wokugebenga abantu njengoba kuza isikhathi samaholidi okuphela konyaka.
Sanbonani bantu bakithi, unyaka usugijimela ekupheleni kungifikele ukuthi nginibhalele ngalokhu, noma kungezona zonke izinto ebesizifisile ukuba nazo sazithola masingakhohlwa kukhona abake basibonisa umusa
Njengoba kuyinyanga yokuqwashisa ngokuhlonishwa kwamalungelo abantu abakhubazekile okuba minyaka yonke kusukela ngomhlaka 3 Novemba kuze kube umhlaka 3Disemba. Nathi kungakuhle sizifundise ukwazisa kanye nokuhlonipha amalungelo abo.
Ingozi yemoto eyamshiya ekhubazekile yamfundisa ukwamukela isimo njengoba sinjalo empilweni, lowo uMnu. uMusa E. Zulu onethalente eliyisimanga lokwenza izinto eziningi ezishiya abantu bemangele. UZulu ungusomabhizinisi, nomsunguli wenkampani yakhe i Valhalla Arts, aphinde abe umdwebi, umbhali wezincwadi, kanye nomethuli wezinkulumo ezakhayo (Motivational Speaker).
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube ubonge abantu baKwaZulu-Natali ngokwehlukana kwabo ngokuphuma ngobuningi behalalisela iqembu lama Springbok ngokunqoba kwalo Indebe yoMhlaba ye Rugby World Cup.
UPhilile Doyisa imbongi yobuciko ozinze endaweni yaseMlazi kaY ePhilani.Ufisa ukudlulisa ukubonga okukhulu kumaspala weTheku ngokubanikeza ithuba lokuveza ubunyonicho nobuchule babo njengabayahi bezinkondlo abasafufusa.
UAmthande Mpepanduku ohlala eGermiston Edukathole ongowokudabuka e Mount Ayliff e Mrwaqa eEastern Cape owaziwa ngelika Amthande youngnora ongumculi wama piano abuye abe yinxusa le Velcro Clothing oqale ukucula ngonyaka ka 2016 Une EP esihloko esithi Inxeba eyenziwe ngaphansi kwesandla Double Geez okuyiyona eshisa izikhotha njengamanje eyathengisa ubuthaphuthaphu emakhele negama elihle kakhulu.
UMgqibelo womhlaka 4 Novemba kube ubusuku obungeke bukhohlakale emqondweni wabathandi bomculo weJazz, ngenxa yethalente elikhonjiswe izingwazi zomculo weJazz ebeliholwa uVukani Cele, ehambisana noLinda Sikhakhane, Thammy Mdluli, kanye noBrenda Mtambo beqhulula izingoma zabo ezishiye izihambeli zibheme zakholwa ngenxa yobumnandi bazo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube ngokubambisana noNgqongqoshe wezokuThutha, nezokuPhepha koMphakathi uMhlonishwa uSipho Hlomuka wethule uhlelo Integrated Festive Season and Safety eHammarsdale ngoLwesibili lomhlaka 7 Novemba. Lapha ubehambisana noMeya weTheku ukhansela uMxolisi Kaunda kanye noNgqongqoshe wezeMpilo uNomagugu Simelane.