2026
Kuzokhuphula umnotho wesifundazwe ukuvulwa kwemboni yakwaFuture Life eDube Trade Port
SHEILA MHLONGO
Kuzokhuphula umnotho wesifundazwe ukuvulwa kwemboni yomkhiqizo weFuture Life. Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo KwaZulu-Natali uMhlonishwa uSiboniso Duma ngesikhathi evula ngokusemthethweni iFuture Life ngoLwesine lomhlaka 5 October 2023 eDube Trade Zone enyakatho yeTheku.
Iqale ngegiya eliphezulu eyama Thekwini games
Abadlali ababambe iqhaza kowama Thekwini Games
Imidlalo ebisingathwe uMkhandlu weTheku iqale ngegiya eliphezulu lapho wonke amaqembu abelwela ukuba ngomakhonya emele amawadi kumaThekwini Games kule mpelasonto yezi 30 September.Le mdlalo isezifundeni ezintathu okuwuDistrict 1, 3 kanye no-4 kanti lezi zifunda zifaka izindawo eziningi okubalwa kuzona uThongathi, iNtuzuma naKwaXimba, ukucaphuna ezimbalwa.
IKwaZulu-Natali idle umhlanganiso kowama Indigenous Games yehlula ezinye izifundazwe
NKOSIE NTOMBELA
IKwaZulu-Natali idle umhlanganiso emidlalweni yama Indigenous Games yehlula ezinye izifundazwe ezibalelwa kweziyisishagalombili (8) oqale ngomhlaka 25 Septhemba yaze yaphethwa ngoMgqibelo womhlaka 30 Septhemba 2023, lapho kade ibanjelwe khona eHoy Park eThekwini.
Yethulwe ngempumelelo incwadi yombhali wase Mandeni
UMasipala wase Mandeni usingathe umcimbi wokwethulwa ngokusemthethweni kwencwadi yombhali ongowokuzalwa kulendawo uMnu. Bonisani Mahlinza ongowokuzalwa endaweni yase Sithebe. Ukwethulwa kwale…
UNokubongwa Sikhakhane ongumkhangisi wemfashini noZime ucela ukuvotelwa kowe Miss PMB INTEGRITY
UNokubongwa Sikhakhane(20)ongumkhangisi wemfashini kanye noZime, ungowokuzalwa eGreytown endaweni uthi uqale ukuba nguzime ngonyaka ka2017 esafaunda amabanga aphansi.
UNomndayi wethule ngokusemthethweni uPhaphe EP Volume 2 eBat Centre
UNomndayi wethule ngokusemthethweni uPhaphe EP Volume okwesibili eBat Centre ngomhlaka 05 August kulonyaka. Umcimbi ube yimpumelelo kakhulu kanti futhi nabantu abakade bekhona bemphelezela benze umsebenzi omuhle kakhulu.
UBusiswa Nquke uthi ufisa ukuthola uxhaso ukuze akwazi ukuhambisa ivangeli esebenzisa umculo
UBusiswa Nquke (39) owenza umculo weGospel uqale ukucula enza iPraise and Worship enkonzweni, ungowokuzalwa edolobheni lakuTsolo kodwa manje usetholakala eKokstad. Uthi ungene endimeni yomculo esemncane eneminyaka engu-12, lapho wabe eculela iqembu elaliholwa umama wakhe uBukelwa Ngquke ongasekho.
UNondindwa ezenhlinabeyiphuza ubonga abantu abahambele umcimbi wakhe eMandeni
“Ubunye Art Festival umcimbi waminyaka yonke lapho khona esisuke siveza ilaka nenjabulo yemizwa yethu ngesiyikhona ngokweziphiwo zethu esaziphiwa emazulwini. Ngakho ngidlulisa ukubonga kakhulu Kubo bonke abantu ebebehambele ubunye Art Festival ngomhlaka 23 September 2023”. Ngokusho kukaNondindwa umculi kaMaskandi.
Imfundo kanye nokufinyelela ezintweni zokuvimbela inzalo kuyisihluthulelo sokunikeza amandla Impilo yokuzala yabesifazane
Lugujwa minyaka yonke ngomhla zingu-26 kuMandulo, suku Lomhlaba Lokuvimbela Inzalo luwuhlelo lomhlaba wonke oluqwashisa abantu ngokubaluleka kwempilo yokuzala kanye nokuhlela umndeni.

