Intokazi esencane uLulekwa Mkhumbuzi owenza umculo weJazz izobe ishiyelana inkundla nabanye abaculi

ULulekwa Mkhumbuzi oneminyaka 16 ofunda kwesinye sezikole zaseThekwini owenza
umculo we Jazz uzobe eshiyalana inkundla namanye amaCiko afana noSbu
Zindela,Thembeka Ngcobo kanye noAmahle Ngcobo. Kanti uMphathi wohlelo kuzobe
kungu KgotsoVundisa.
Umcimbi uzobe ubanjelwe Diaconia Centre,ku St Andrews Street, eThekwini, ngoMgqibelo
womhlaka 7 October , isikhathi ngo-2 ntambama.
Imali yokungena uR100 General kube uR120 VIP.

Continue reading

Ubechichima injabulo uBucyk waseDududu ehlomula ngomklomelo wesitifiketi

NKOSIE NTOMBELA
Umculi wesifazane osemusha ocula umculo we Afro Pop ubengomunye ohlomule nge Award kuma KZN Namuhla Awards 2023.
Leliciko lase Dududu endaweni yase Mkhunya likhuluma neNtatheli yeKZN Namuhla emva kokunqoba lithe “angazi nokuthi ngithini indlela engijabule ngayo ngibonga kakhulu kumndeni nabalandeli ngaphandle kwenu engabe angitholi le awards”
Lomculi aphinde akuqinisekisa ukuthi umculo usazoqhubeka nokuwenza njengoba esebona ehlomula ngawo nanethemba kuningi asazokuzuza kulendima yomculo.Lama awards e KZN Namuhla Newspaper abebuya ihlandla lesibili njengoba ibigubha nemnyaka engu 25 yabakhona I KZN Namuhla Newspaper.

Continue reading