UNdunankulu uNtuli  noNgqongqoshe wezeMfundo eKZN baqaphe izivivinyo zika Matric 2024 ngosuku lokuqala

Esithombeni: UNdunankulu uThamsanqa Ntuli kanye no Ngqongqoshe wezeMfundo kwaZulu-Natali, uSipho Hlomuka ngenkathi bevakashele abafundi baka matric e Isolemamba High school.

OWAMI THABETHE

Sekuqalile ukubhalwa kwezivivinyo zekilasi lika Matric 2024 lokuphela konyaka obekulindelwe ngamehlo abovu. Ngemizamo eqhubekayo yokuqinisekisa ukuthi izivivinyo zikamatikuletsheni zihamba kahle futhi akukho izithiyo ezikhona, ngosuku lokuqala lokubhala uNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa Thamsanqa Ntuli, ehambisana noNgqongqoshe wezeMfundo  uSipho Hlomuka, bavakashele esinye sezikole esenza kahle esifundazweni  Isolemamba High School, esisendaweni yaseNsimbini, ngaphansi kweCMC yaseMbumbulu esiFundeni saseMlazi.

Lokhu kuvakasha kuyingxenye yohlelo lokuqinisekisa ukuhamba  kahle kwezivivinyo nokugcina ubuqotho nokwethembeka kwenqubo esifundazweni sonke. Abafundi baka matric baqale  ukubhala i-English Paper 3.

“Siwushayela ihlombe umsebenzi owenziwe othisha balesisikole namhlanje sino Ngqongqoshe weZemfundo uMnu Sipho Hlomuka, sibafisela bonke abafundi ukubhala okuhle  kuze kubesekupheleni, ngokwesimo sezulu sisiqaphile kanjalo namaphoyisa asiqaphile isimo sezulu uma kwenzeka ukuphazamiseka kokuhamba kwamaphepha,” kuchaza uNdunankulu Ntuli.

UNgqongqoshe wezeMfundo uSipho Hlomuka ubonge ukubambisana okuhle nalolonke uhlaka lwezemfundo esifundazweni ukube ukubhalwa kwezivivinyo kube impumelelo.

“NjengoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natali, sifuna ukuzwakalisa ukubonga  enhlanganweni yonke yezemfundo ngokulungiselela kanye nokuphathwa kwalolu vivinyo lokugcina lweNSC kanye nakuMhlonishwa uNdunankulu waKwaZulu-Natali, uNtuli ngokweseka kwakhe ngokungaguquki uMnyango wezeMfundo. Ngifisa nokuqinisa umoya kubafundi njengoba bezoqala lomjaho wezinsuku ezu 29,” kusho uHlomuka.

UHlomuka uphinde watshela abafundi kulabo abangeke benze kahle ezifundweni zabo ukuthi  akulahlwa mbeleko ngakufelwa, lisakhona ithuba lokuphinde bazame futhi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *