U-Qiniso Ndebele ozalwa koMqwayi ongumculi kaMaskandi uthembisa abalandeli bakhe ukuthi balindele okuhle kodwa azobenzela khona ngo June

SHEILA MHLONGO

Kulonyaka ngifisa ukusebenza ngendlela esezingeni ngiyeke ukungena kulezi studio ezincane ngoba lokho kungibuyisela emuva.

Ngifisa nokungenela  i competition yo Mkhanyakude Music Awards ngiyafisa ukuthi ngithole uxhaso ngokweqiniso ukuze ngikwazi ukuphuma u number 1 okunye sengilinde ukuthi i KZN NAMUHLA ARTISTS AWARD nayo ivule lomncintiswano wayo njengenhlala yenza  ngingenele nalapho ngoba ngiyathanda indlela ewuphakamela ngakhona umsebenzi wayo.

Ngifisa ukusebenzisana nomshini waseshowe no Thembelani Nxumalo nabanye engeke ngikwazi ukubachaza okwamanje u producer ngifisa ukusebenzisana noMudemude wase GMD .

Ngifunde lukhulu emculweni ukuthi ungabobathemba abantu osondelane nabo mabethi bazokuxhasa ikakhulu abomndeni uxhaso uyoluthola kubantu ongabazi njalo abangakwazi nala ohlala khona kanti nalabanye abaculi osuke usondelane nabo kakhulu ubaqaphela ngoba bayingozi kakhulu.

Ngithembisa kubo bonke abalalela umculo wami ukuthi balindele okuhle kodwa engizobenzela khona ngo June njengoba besengiqalile ukubenzela ingoma ethandwe kakhulu ngo December 2024. okwamanje leyongoma isaku Tik tok kuma digital stores ngizoyifaka ngo June kuwona lonyaka.

njengoba lendaba yama CD isiya ngokuphela ingoma bazozithola kuwona  wonke ama digital stores kusukela ngo june kulonyanka.

Ngitholakala kulezi number 0693566937 0683401385 engikufisa kakhulu kubalandeli bomculo nabo  abaculi ukuthi ongenele lama competition ama award  bamxhase ngoba ukuwina kwakhe kumkhulisela i profile yakhe nanoma leyo award ingahambi nemali kodwa ukuwina kwakhe kuyalikhulisa igama lakhe emculweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *