Kuyavalwa ngoMsombuluko womhlaka-7 Julayi 2025 Phuthuma

AmaCiko angenela iKZN Namuhla Artists Award 2024
AmaCiko asezothola ithuba lokuziwinela iziNdondo kanye neCash Prize kowe KZN Namuhla Artiststs Awards 2025
Sekufike emaphethelweni ukungenelwa komncintiswano wama KZN Namuhla Artists Awards 2025 njengoba kuvalwa ngoMsombuluko womhlaka-7 Julayi 2025, wonke amaCiko namaCikokazi afisayo ukungenela lomncintiswano ukuthi makaphuthume agcwaliseifomu lokurejista elihambisana nemali yomngenelo engu-R250
Uma iCiko seligcwalisile ifomu maqede lakhokha imali engu-R250 wokujoyina lithumela ifomu nesithombe salo esicacile ukuze lenzelwe iPoster enemininingwane yokuvotelwa ngemali engu-R2 ivoti ngalinye.
Uma sekuyisikhathi sokuvota kuyokwenziwa ngendlela yokuthenga ivota ngo-R2 ngalinye ngokwemininingwane eyofakwa kwiPoster yeCiko nendlela okwenziwa ngayo.

Izindaba ezimnandi: ezokuthi kulokhu amaCiko nawo asezohlomula ngokuziwinela uCash Prize ngaphezu kwamaTrophy, nezitifiketi,kanye nokuphromothwa, kulabo abayoba namavoti ahambisana nemibandela ebhalwe kwisimemo.
Okunye okuhle ukuthi alikho nelilodwa ivoti eliyolahleka ngenxa yokubheda kweNetwork. Nokuthi kuyoba lula kakhulu ukubala amavoti ngoba iphephandaba iKZN Namuhla nsuku zonke liyakwazi ukuzibonela labo asebethenge amavoti ngempumelelo.

Inhloso yalendlela entsha yokuvota
- Iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla alixhasiwe ngakho ukuze umcimbi wokuhlonipha amaCiko ube impumelelo kudingeka imali yokukhokhela zonke izindleko kusukela kumalungiselelo kuze kube usuku lomcimbi.Ngaphezu kwalokhu iphephandaba lidinga izimali zokulisimamisa ukuze liqhubeke likwazi ukushicilela, izindaba, ligaye iphephandaba, likhokhele abasebenzi, liphinde likwazi ukubhekana nezindleko zezokuxhumana okubalwa i-Airtime neData.
- Ukukhokhela imiklomelo yama Trophy kanye nezitifiketi.
- Ukuhlomulisa amaCiko enze kahle ngokuvotelwa.
- Ukukhokhela izindleko zendawo yokwenza umcimbi.
- Ukukhokhela izindleko zokwenza iVideo kuleloCiko Eliyowashaya onke emakhanda.
ukuvalwa kokubhalisa kugcina ngoMsombuluko womhlaka-7 Julayi 2025. Kanti ukuvota sekuvele kuqaliwe. Wonke amaCiko ayobe esethole ama Poster awo anesithombe kanye nemininingwane yonke yokuvotelwa.
Ukuvota kuyovalwa ngomhlaka-30 August 2025. Umcimbi uyoba ngoMgqibelo womhlaka-6 Septhemba 2025 endaweni eyokwaziswa. Ngakho kumenywa amaCiko avela ezingxenyeni zonke ze KwaZulu-Natali kanye nakwezinye izifundazwe zakuleli amukelekile ukungenela.
Ukwazi kabanzi kungaxhunyanwa noMhleli umama uSheila Mhlongo kuWhats App number :076 390 6969 kunombolo ye WhatsApp 079 467 9297 baxhumane noSbu Mamba. Email:editor.kznnews@gmail.com

