UJulayi uhlonzwe  njengenyanga yamaFilimu KwaZulu-Natali

SHEILA MHLONGO

NgoJulayi, iKwaZulu-Natal ibungaza  iNyanga YamaFilimu ngokugubha impumelelo enkulu embonini yamafilimu. Ngokwe-KZN Tourism and Film Authority (KZNTAFA) njengoba ikhiphe isitatimende lapho imemezela  ukuthi abenzi bamafilimu abayisithupha abaxhasiwe baqokwe kumaSimon Mabhunu Sabela Film and Television Awards ka-2025, azoba mhla ka-19 Julayi eThekwini.

Laba abaqokiwe bagqamisa  amakhono ehlukene  asezingeni eliphezulu kwezobuciko  embonini yamafilimu esifundazweni saKwaZulu-Natali,  futhi aqinisekisa ukukhula nempumelelo  kwezamafilimu kanye nakumabonakude  lokhu kubonakala ngokutshalwa kwezimali kulendima yezobuciko.

Amafilimu Aqokiwe:

  • Sent: IBest Newcomer Actress (Anele Cele noDineo Nxumalo), neBest Short Film.
  • Disaster Holiday: IBest Production Design, Best Pan African Film, Best Feature Film, neBest Use of KZN.
  • Cotton Dreams: IBest Production Design neBest Short Film.
  • Lottery Love: IBest Production Design neBest Screenplay.
  • Masinga the Calling: IBest Supporting Actor, Best Screenplay, Best Director, Best Feature Film.
  • Greytown Girl: IBest Supporting Actress (Linda Sokhulu).

Izinhlelo Ezinkulu ngoJulayi:

  • Durban International Film Festival (DIFF)
  • Simon Mabhunu Sabela Awards
  • Durban FilmMart

Lezinhlelo ziqhakambisa iKZN njengendawo eqavile kwezokudala e-Afrika.

IKwaZulu-Natali njengendawo  ebalulekile yezobuciko:
UMnu. Sibusiso Gumbi, oyi-Acting CEO yeKZNTAFA, uthe le mpumelelo ibonisa ukuthi izimali zomphakathi zingavuselela amakhono amasha nezindaba eziyiqiniso. Ubalule ukuthi amafilimu adala imisebenzi, akhuthaza ezokuvakasha futhi asekele osomabhizinisi abancane.

I-KZN manje inezinkampani zokukhiqiza ezingaphezu kuka-150, inabalingisi abavela emiphakathini eyehlukahlukene futhi inengqalasizinda esezingeni lomhlaba.

Okushiwo abenzi bamaFilimu:

  • Rethabile Ramaphakela (Disaster Holiday): Ujabule ngenxa yokuhlonishwa kwakhe  njengomqondisi wesifazane omnyama.
  • Jacintha de Nobrega (Lottery Love): Uthe uxhaso luphakamise izinga lefimu.
  • Rani Sitaram (Greytown Girl): Ukuxhaswa kwenze kwabalula ukukhiqiza ifilimu esezingeni lomhlaba.
  • Ayanda Haliman (Sent): Uthi ubehlose ukukhombisa uhlangothi oluqhakambisa  impilo enhle esikhundleni sokubonisa  isimo  esivame ukukhonjiswa njengesihlwempu.
  • Lisa Pyanee (Cotton Dreams): Le filimu ibimqhakambisile njengomkhiqizi omusha.
  • Mark Engels (Masinga the Calling): Uthe ukuwina kuzoba yindlela yokukhumbula uSimon Sabela.

Isiphetho:
Ukuqokwa kwalamafilimu kwenza iKwaZulu-Natal iqhakambise ubuchule bayo kudale amathuba omnotho futhi kukhuphule isithunzi sayo emhlabeni jikelele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *