UMengameli wezwe uchaze lowo owabe enguSekela Mengameli uDD Mabuza njengesisebenzi sabantu

SHEILA MHLONGO

Ngaphansi kwelanga lasebusika elishisa ngendlela engajwayelekile, amagquma apholile aseMpumalanga abekade ethule njengoba uMzansi uvalelise okokugcina lowo owabe  enguSekela Mengameli waseNingizimu Afrika uDavid ‘DD’ Mabuza ngoMgqibelo womhlaka 12 Julayi 2025.

Lowo owayenguSekela Mengameli washone eneminyaka engu-64, kulandela ukugula isikhashana. Ungcwathwe emathuneni omndeni  eBarberton, eMpumalanga. Ekhuluma ngesikhathi somngcwabo, uMengameli uCyril Ramaphosa uthe leli wusuku lokuzotha.

“Sihlangene lapha namuhla ngokuzithoba okukhulu ukuze sikhumbule impilo yendoda eyabe inomthelela omkhulu ohambweni lwethu  eNingizimu Afrika ekhululeko. Siphinde sihloniphe nempilo yendodana yaseMpumalanga engumuntu wabantu.

“Uzakwethu nowayengumholi wethu, uDavid Dabede Mabuza, owaziwa njengoDD, uzohlala ekhunjulwa kakhulu njengesisebenzi sabantu. Wayengumholi ohloniphekile, hhayi kuphela eMpumalanga kodwa nasemazweni lonke,” kusho uMengameli Ramaphosa. UMabuza: Uthisha Nompetha Kwezepolitiki.

USopolitiki owazalelwa eMpumalanga ubedume ngelika DD noma The Cat, wabe ngokoqeqesho wabe enguthisha. Kodwa emuva kwesikhathi waba isishoshovu somzabalazo wangena kwezepolitiki, waba isisebenzi sikahulumeni . UMabuza uqale uhambo lwakhe lokusebenza kuhulumeni ngonyaka ka-1994 eMpumalanga, lapho waba sesiGungwini esiphezulu ngaphansi kwamakomiti ehlukene.

Uhambo lwakhe kwezomphakathi lwaqala ngo-1994 eMpumalanga lapho aqala khona njengeLungu loMkhandlu Wezokuphatha (MEC) ezikhundleni ezahlukene.

Waba nguNdunankulu waseMpumalanga kusukela ngo-2009 kwaze kwaba ngu-2018, wabe esengena ePhalamende waba nguSekela Mengameli wezwe. “Waqokelwa esikhundleni sokuba nguSekela Mengameli wezwe kanye neSekela Mengameli weqembu lakhe le-ANC, waba nguMholi wezamabhizinisi lapho wazibonakalisa ubuchule bakhe ekuxazululeni ezepolitiki egcizelela ukubaluleka kozinzo nobunye.” Kusho uMengameli.

 Izinkumbi zabantu zihlabe uhele zihlonipha owabe enguSekela Mengameli. Ngokwesikhathi somngcwabo, izakhamizi eziningi zaseMpumalanga zigcwalise imigwaqo yaseMbombela zishaya uhele zihlonipha  uDD ngesikhathi eseyobekwa endaweni yakhe yokugcina.

“Wayehlale ejabule njalo uma ephakathi kwabantu. Wayengakaze azihlukanise nabo. Akakaze akhohlwe abuntu bakhe. “Kusukela kuvezwe ukuthi useshonile, izixuku zabantu, amakhosisi, abaholi bezombusazwe bavakashele ekhaya lakhe eBarberton ukuyodlulisa amazwi okuzwelana nomndeni. Wayethandwa yiningi. Wayekwazi ukuhlanganisa abantu bakuleli.”

Wayethanda Umsebenzi Ongaphakathi Kubantu “Wayengeyena umuntu othanda ubukhazikhazi besikhundla. Wayekhetha ukuba phansi ezindaweni zabantu, elalela izinkinga zabo futhi esebenza ukuzixazulula. ” kuqhubeka uMengameli.

Uqhubekile wathi uMabuza ushiye ifa lokusabela ngokushesha ezindabeni zokulethwa kwezidingo zomphakathi. “Kulezi zinsuku ezedlule, sizwile intsha yaseMpumalanga imchaza njengobaba womphakathi, owalethela intuthuko izindawo zasemakhaya. Kukhona imindeni ehlala emakhaya afudumele ngoba ngesikhathi semikhankaso yokukhankasela amavoti, uDD wayesebenzela khona lapho kwesinye isikhathi esebenzisa imali yakhe.

“Lezo zindlu azakhile ezinyangeni ezimbalwa, hhayi eminyakeni yokuhamba-hamba emihlanganweni. Lokho kwenzeka ngoba wayengumuntu oqotho, ongeke athembise into angayifezi,” kusho uMengameli. Ukusebenza Ngokubambisana NoMabuza uMengameli Ramaphosa ukhumbule iminyaka emihlanu abebambisene noMabuza njengabaHoli bezwe.

“Ngalesi sikhathi, ngamazi njengomuntu owayewuqonda kahle umthwalo  ayenikezwe wona. Wayethembekile, eyigagu futhi ehloniphekile. “NjengeNhloko YezamaBhinisi kuHulumeni ePhalamende, wasebenza ukuqinisekisa ukuthi intando yabantu ibonakala emithethweni yezwe nasezinhlelweni zikahulumeni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *