SHEILA MHLONGO
PIETERMARITZBURG- Inhlangano iMedia Development and Divesity Agency (MDDA) isingathe iWorkshop yokucija abezindaba zomphakathi mayelana noxhaso lwezicelo zeGrant ka-2025/2026. Kule-Workshop ethathe izinsuku ezintathu kusukela ngoMsombuluko 14- 16 Julayi 2025 e-Ascot Conference Center ePietermaritzburg –KwaZulu-Natali, Kanti bekuhlangene abavela emisakazweni yomphakathi (Community Radio Stations) kanye nabebevela kumaphephandaba omphakathi (Community Newspapers).
Lena bekuyindawo yesihlanu yochungechunge lwamaWorkshop obekuhloswe ngayo ukukhuthaza ukufakwa kwezicelo zokuxhaswa kwezezimali okwaqala mhlaka -04 Julayi futhi kuvalwa ngomhlaka–05 Agasti 2025.
Kule Workshop kukhuthazwe Amaphrojekthi abezindaba zomphakathi okuhlanganisa nomsakazo, ithelevishini, izincwadi zokuphrinta kanye nezinye izinkampani ezincane ezizimele.
Abebethamele leWorkshop bacijwe ngolwazi oluhlanganisa phakathi ubuholi, ukuziphatha okuhle (ama-ethics), ukuphathwa kwemidiya, kanye nokuphathwa kwezinhlangano okungumgogodla wokusimama kwabezindaba zomphakathi.
Phakathi kwezikhulumi ebezicobelela abezindaba zomphakathi ngolwazi kubalwa iSentech kanye ne-ICASA, lapho beveze khona izinguquko, amathuba okukhula kanye nezinselelo ezithinta abezindaba zomphakathi -KwaZulu-Natal.
Izicelo zingafakwa ku-inthanethi nge-webhusayithi yeMDDA www.mdda.org.za, nge-imeyili noma ngokulethwa kwephepha eliphrintiwe. Nokho, abafaki bezicelo bayacelwa ukuba bangafaki isicelo ngaphezu kwendlela eyodwa, ukuze kugwenywe ukuphindaphindwa kwezicelo.
Le workshop iyingxenye yemizamo ye-MDDA yokuqinisa imidiya yomphakathi, ukukhuthaza ukwehluka, ukufinyelela kwabo bonke kanye nokwakha imidiya ezinzile nesebenzayo.

