UHulumeni usezinhlelweni zokuhlinzeka ngomgomo wokuvikela izingane

I-RSV iyimbangela ehamba phambili yokugula nokufa kwezingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu, ikakhulukazi phakathi nezinyanga eziyisithupha zokuqala.
ZAMA MAJOLA

UMnyango kazwelonke wezeMpilo uzokwethula  umgomo i-RSVpreF njengomgomo wabo bonke abesifazane abakhulelwe ukuze kuvikeleke izingane egciwaneni i-Respiratory Syncytial Virus.

Umgomo wegciwane lokuphefumula i-RSV usatholakala kwimtholampilo ezimele yaseNingizimu Afrika okwamanje awukakafiki emitholampilo yomphakathi. Umnyango usahlola izindleko zokuthula lo mgomo nakwimtholampilo yomphakathi. Njengamanje, yinkampani eyenza imithi ebizwa nge-Pfizer kuphela emakethe umgomo we-RSV. Uthengiswa ngaphansi kwegama elithi Abrysvo. Waziwa nangegama elijwayelekile elithi RSVpreF.

Njengomkhuhlane ojwayelekile, i-Respiratory Syncytial Virus (RSV) iyathathelana kakhulu. Isatshalaliswa ngamaconsi okuphefumula emoyeni kanye nokuthintana nezindawo ezingcolile. Ukutheleleka kwe-RSV kuvame ukuba nzima ukukuhlukanisa kumkhuhlane ojwayelekile. Lokhu kungenxa yokuthi inezimpawu ezifanayo nomkhuhlane. Izingane ezinaleli gciwane zingase zidinge usizo olwengeziwe, olunjengoketshezi oluphuma ngedriphu ukuze zihlale zimanzi kanye nomshini ozisiza ukuba ziphefumule.  I-RSV iyimbangela enkulu yokugula nokufa kwezingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu, ikakhulukazi ezinyangeni eziyisithupha zokuqala zokuphila. Yingakho  kubalulekile ukuba abesifazane bonke abazithwele bawuthole lo mgomo emva kokuba wethulwe nasemtholampilo yomphakathi.

Impendulo izonikezwa usihlalo we-NAGI(National Advisory Group on Immunisations) uma sekufinyelelwe esinqumweni mayelana nokwethulwa okungenzeka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *