IMaxwell Zondi Foundation icela uxhaso

ZAMA MAJOLA

Igama lami ngingu Maxwell Zondi . Ngihlala eNanda Ezimangweni Area. Ngine Foundation ebizwa ngeMaxwell Zondi Foundation enakekela imiphakathi ngezindlela eziningi. Isebenzisana nezinhlaka zikaHulumeni nezikaMaspala, abefundisi, abasakazi amaRadio stations ngenhloso yokuthi abadinga usizo kwiFoundation baluthole. Silekelelile ekutholeleni izindawo zokulala abazidingayo. Ngokulekelelana nama khansela nama social worker safunela nezingane ezintulayo ama-uniform eskole sisizwa izimboni  zama-Taxi.

Sibe sesicelela nabahlwempu izingubo zokugqoka nezokulala, senza ama-programme aqwashisa ngokuhlukumezana (GBV), nangokuqwashisa ngobugebengu ezindaweni esihlala kuzona. Senza ne-filimu eqwashisa ngabo futhi ubugebengu ebizwa ngokuthi “ithuba lokugcina” engabonwa nominini kumabonakude. Kuyimanje sihlela ama-trainings okufundisa nge-GBV ngenhloso yokuvula amathuba emisebenzi ikakhulukazi entsheni ukuze iziqhelelanisa nobugebengu. Kuningi esikwenzayo ekulekeleleni uHulumeni noMaspala ngezinhlelo zokuthuthukisa imiphakathi yethu. Sicela nabanye abanothando lokusixhasa besithinte WhatsApp: 083 733 5003.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *