ZAMA MAJOLA
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usuxolisile ngokubambezeleka kokukhokhelwa koxhaso ezikoleni eziyisipesheli esifundazweni sonke, lokhu okuholele ekutheni kuvalwe ezinye zezikole eziyisipesheli njengeKhulangolwazi Special School kanye neNingizimu Special School eMontclair. Impendulo yomnyango ilandele emuva kokwanda kwengcindezi evela ezikoleni eziyisipesheli kulo lonke elase-KZN, njengoba izikole sezifike kwangqingetshe, zingenamali.
Esitatimendeni umnyango ubonge igalelo elibonakalayo lezikole eziyisipesheli ekusizeni abafundi abakhubazekile waphinde waxolisa ngokuphazamiseka nosizi oludalwe wukubambezeleka kokukhishwa kwezimali. Umnyango uveze ukuthi ukubambezeleka kudalwe yizinkinga ebezingalindelekile ezithinte isikhathi sokusebenza kwenkokhelo. UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uSipho Hlomuka, uthe bazimisele ekwesekeni abafundi abanezidingo ezikhethekile kanye nokuqinisekisa ukuthi bayaqhubeka nokufunda. “Siyakwazisa ukuzinikela kwezikole eziyisipesheli nabasebenzi bazo futhi siyasithokozela isineke sabo, ukuqonda nokubambisana kwabo njengoba sisebenzela ukuxazulula lokhu,” kusho uHlomuka.

