Ngidume ngoBongie P ku- Vibefm 94.7 ohlelweni Sihamba Sonke Reloaded kusuka ngo-9 kuya ku-12. Ngiphinde ngibe uMsunguli wenkampani Ikhandlela Lekhethelo and Detergents, Point Police CPF member neCikoza Foundation member. Bengifisa ukuthi kuphele lonyaka sekunabantu abasha esebethuthukile emakhonweni ahlukene. Kubalwa: Kwezokusakaza, ukucula , ukulingisa, ukudansa, abafisa ukuphuma kwizidakamizwa, izingane ezihlukumezekile kanye nokulwisana nobugebengu.
Njengoba ngibuye ngisebenze ne-CPF yase Point Police Station silwisana nobugebengu. Cikoza Foundation sithuthukisa amakhono kubantu abasha nabaculi abahlukene nokukhuphula osomabhizinisi abasebancane.
Ngifisa ukufundisa intsha kwibhizinisi lokwenza Ikhandlela nama Detergents nokuthi kuphele lonyaka sengithole noma Izindondo ezintathu endimeni yokusakaza njengoba sengiqalile ngakhethwa kwi-Embolights Music and Business Impact awards 2025 ngimele abesifazane ekusakazeni. Izinhlelo zami zalonyaka ukuqhubeka nokuthuthukisa intsha ngifundise ukwenza insipho, amakhandlela, ukusakaza, nokusiza osomabhizinisi abasebancane bakhule nokulwa nobugebengu. Kubaculi ngingathanda ukusebenza noPhindi P, kodwa njengo Msakazi ngingathanda ukusebenza no Phindi P woKhozi FM, omunye wabasakazi engibukela kubona nomesabayo uNkulunkulu. Ngifunde ukuthi uma uNkulunkulu engakasho ukuthi kuphelile ngawe, kusuke kungakapheli ngempela, qhubeka phambili uze ufeze iphupho lakho. Lokhu ngikusho ngoba ngingene endimeni yezokusakaza, kunamazwi ayethi ngeke kwenzeke kodwa ngaphusha ngo Nkulunkulu namhlanje ngingomunye wabakhethwe ukumela abesifazane kwezokusakaza emsakazweni womphakathi.
Abalandeli bami bangalindela imicimbi eyahlukene engizoyihambela -9 August sikwaMashu nango-September sizobungaza amagugu neminye eminingi. Abafisa ukungilandela NgoMsombuluko kuyaku Lwesine: Vibe fm 94.7 noma ungilalele kwi App yomsakazo iyatholakala ku Play Store , WhatsApp / Calls: 079 377 5632, Facebook: Bongie P Vibefm 94.7, Ticktok: @Bongie_P Vibe FM 94.7 kanjalo naku YouTube: Bongie P.

