Igama lami ngu-Nkululeko Mthiyane odume ngelika Frdom (uGalavane) okhulele khona kwaMashu ngiqale ukuthanda umculo ngisemncane kakhulu. Isifiso sami ukuthi ngikwazi ukufinyelela lapho engingakaze ngifinyelele khona ngomculo, ngiphinde ngikwazi ukusebenzisana nabaculi asebemnkantshubomvu kulendima ngiphinde futhi ngikhulise neStudio sami engisebenza kuso i’ZULU T-RAP NATION’ ngibambisene nomshayi wezinsimbi wami u’808 Picxsso’ esizalwa naye.
Kulonyaka ngizimisele ukukhipha i-Mixtape (Gold) nokusebenza kakhulu nabaculu bakwaMashu engingabala kubo DaZeelogy, Ayon, 4nation nabanye. Uproducer ebengingathanda noma engifisa ukusebenzisana naye ngingabala uMashbeatz, kwabasemkantshubomvu okwamanje ngisasebenzisana kahle nomshayizinsimbi Wami ‘808 Picxsso’. Kubalulekile ukuthi wonke umsebenzi esiwenzayo siwu Register(e). Sike sabhekana nezinkinga ngenkathi omunye wabaculi abavelele lapha eThekwini ethatha iculo lethu walenza elakhe. Inkinga kwaba ukuthi iculo asili-Register(nga), kodwa sakwazi ukuthi sibe nesivumelwano naye umculi lo ukuze alithathe ngokusemthethweni.
Abalandeli bami abalinde umculo ohlukile kunakuqala njengoba ngi sebenze nabantu engingakaze ngasebenza nabo ngaphambilini. Ngihlela ukwenza iTour yawo lomsebenzi engizowukhipha maduze (GOLD EP) ngihambe cishe wonke amalokishi. Kulula ukuthola umculo wami utholakala kuzo zonke izitolo zomculo engingabala kuzo ‘Spotify, iTunes, etc) @frdom_mthiyane. WhatsApp / Call : 072 0357 404. Facebook: @frdom_mthiyane, TikTok: @frdom_mthiyane naku Instagram: @frdom_mthiyane.

