UMasipala weTheku usezinhlelweni zokwethula ubuchwepheshe be-drone ukuze kuzobhekwana kangcono nezimo eziphuthumayo

ZAMA MAJOLA

Idolobha libe nengqungquthela yezinsuku ezintathu lapho izinkampani zithole khona ukukhombisa ukuthi ubuchwepheshe bazo bungasiza kanjani ekulawuleni izinhlekelele.  Bekugxilwe ekuhlanganiseni ama-drones, ubuhlakani bokwenziwa (AI), kanye ne-Geographic Information Systems ukuze kwakhiwe amadolobha aphephile nahlakaniphile. Umasipala uthe ubuchwepheshe besimanje buzokwenza ukwazi ukusebenza ngaphambi kokuthi kuvele izinhlekelele. Enye yezinkampani ezibambe iqhaza kulo mbukiso i-QP Drone Tech ezinze ePitoli.  

“ Uma ngikwazi ukudala iphrofayili yengozi yendawo, ngiyazi ukuthi yiziphi ezisengozini kakhulu,” kusho i-COO uJack Shilubana. UShilubana uthe lobu buchwepheshe buzosiza izikhulu ziphendule ngokushesha uma kunezinhlekelele. “ Iningi lama-drones esikhaleni semizuzu emihlanu ingaba phezulu emoyeni. Uyayivula, uyilinganise, wazi indawo, lapho izoqala khona, bese ukwazi ukuthwebula izithombe – izinga lomonakalo, ingqalasizinda, ungabona uma abantu bevaleleke ezindaweni ezithile, futhi uzokwazi ngisho nokuqondisa amaqembu aphansi lapho usizo ludingeka kakhulu” kusho uShilubana.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *