I-IEC Yamukela Ukusabela Okuhle Ngempelasonto Yokugcina Yokubhalisela Ukuvota

Umfanekiso wendawo yokuqhutshwa kokuvotela ukhetho lwe-IEC

IKhomishini Yokhetho (IEC) yamukele ukusabela okuhle kwabantu baseNingizimu Afrika abasebenzise impelasonto yokugcina yokubhalisela ukuvota ukuze babhalise noma babuyekeze imininingwane yabo ngaphambi koKhetho Lohulumeni Basekhaya.

Njengoba bekusele amahora ambalwa ngaphambi kokuthi iziteshi zokuvola zivalwe ngehora lesihlanu ntambama, isiKhulu Esiphezulu Sezokhetho kwi-IEC, uSy Mamabolo, sinxuse labo abebengakavakasheli iziteshi zokuvola ukuba baphuthume, njengoba zonke iziteshi zokuvola eziyizi-23 699 ezweni lonke bezisavuliwe.

“Sijabule ngokuthi abantu baseNingizimu Afrika basabele kahle kule mpelasonto yokugcina yokubhalisela ukuvota. Nokho, lisekhona ithuba elibalulekile kulabo abangakabhalisi noma okudingeka babuyekeze imininingwane yabo yokubhalisa.

“Sinxusa zonke izakhamuzi ezifanelekile ukuba ziqinisekise ukuthi zibhalise ngendlela efanele nokuthi zibhaliswe esifundeni sokuvota esifanele,” kusho uMamabolo ngeSonto.

IKhomishini Yokhetho ithe ihlonze izinselelo ezithile ohlelweni lwayo lokubhalisela ukuvota ku-inthanethi olungadli idatha.

Ithimba lezobuchwepheshe leKhomishini lisebenzisana nabalingani bayo ukuze lilungise lolu daba ngokushesha.

IKhomishini Yokhetho izomemezela imiphumela yomkhankaso wokubhalisela ukuvota esithangamini nabezindaba esizoba ngoMsombuluko ngehora lokuqala emini e-Election House, eCenturion.

UMnyango Wezasekhaya nawo welule amahora okusebenza kuwo wonke amahhovisi awo ngesikhathi sempelasonto yokugcina yokubhalisela ukuvota yangomhla lu-1 kuya kumhla zi-2 kuNcwaba 2026.

UMamabolo uthe impelasonto yokugcina yokubhalisela ukuvota iqale kahle kakhulu, njengoba zingaphezu kuka-99% iziteshi zokuvola eziyizi-23 699 ezweni lonke ezivulwe ngesikhathi ngehora lesishiyagalombili ekuseni.

IKhomishini ibike ukuthi yayisixhumane nezakhamuzi ezingaphezu kwezi-238 000 eziteshini zokuvola nasohlelweni lokubhalisa ku-inthanethi ngoMgqibelo ngaphambi kwehora le-12 emini.

UMamabolo uthe iningi lemisebenzi yokubhalisa, eyizi-198 232, lenziwe eziteshini zokuvola ezweni lonke. Uhlelo lweKhomishini lokubhalisela ukuvota ku-inthanethi olungadli idatha lona luqophe imisebenzi eyizi-20 078, nokunikeze abavoti abafanelekile enye indlela elula yokubhalisa noma yokubuyekeza imininingwane yabo.

“Izibalo zokuqala zikhombisa ukuthi isibalo esiphezulu semisebenzi yokubhalisa nokubuyekeza imininingwane yabavoti siqoshwe KwaZulu-Natal ngezi-55 759, eMpumalanga Kapa ngezi-46 889 naseGauteng ngezi-41 774. Lokhu kuhambisana nezibalo zeminyaka edlule futhi kukhombisa ukuminyana kwabantu kulezi zifundazwe.

“Nezinye izifundazwe ziyaqhubeka nokuqopha ukubamba iqhaza kwabavoti. ILimpopo iqophe imisebenzi eyizi-29 680, iNtshonalanga Kapa eyizi-19 693, iMpumalanga eyizi-17 218, iNyakatho Ntshonalanga eyizi-15 610, iFree State eyizi-13 110, kanti iNyakatho Kapa iqophe eyizi-6 213.

“Lokhu kukhombisa ukuthi izakhamuzi zisabela kahle esicelweni seKhomishini sokuba zibhalise noma zibuyekeze imininingwane yazo ngaphambi kokuphothulwa kokubhalisa okwenziwa eziteshini zokuvola,” kusho uMamabolo.
– SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *