
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa
SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, usenxuse omasipala basekhaya kanye nabamadolobha amakhulu ukuba babambe imihlangano yokuqala yemikhandlu yabo esanda kukhethwa, kungakedluli umhla zingama-27 kuNovemba 2026.
Lesi sicelo silandela ukushicilelwa ngokusemthethweni kwemiphumela yoKhetho loHulumeni baseKhaya obelubanjwe mhla zizi-4 kuNovemba 2026, kuSomqulu kaHulumeni (Government Gazette).
IKhomishini yoKhetho eNingizimu Afrika (IEC) yashicilela amagama amakhansela akhethwe okhethweni loHulumeni baseKhaya lwango-2026 ngoLwesihlanu, mhla ziyi-13 kuNovemba 2026. Lokhu kuvulele omasipala indlela yokuba baqale ukubamba imihlangano yokusungula imikhandlu yabo emisha.
UHlabisa uthe ngokomthetho, omasipala kufanele babambe imihlangano yokuqala yemikhandlu yabo zingakapheli izinsuku eziyi-14 kusukela ngosuku okushicilelwe ngalo amagama amakhansela.
“Omasipala kufanele bahlanganise imikhandlu yabo zingakapheli izinsuku eziyi-14 kushicilelwe amagama amakhansela, futhi kungakedluli umhla zingama-27 kuNovemba 2026,” kusho uHlabisa.
Uchaze ukuthi komasipala bezifunda, ukubalwa kwezinsuku eziyi-14 kuqala kuphela lapho bonke omasipala basekhaya abangaphansi kwesifunda sebemisiwe ngokusemthethweni futhi sebekhethe abamele bona emkhandlwini wesifunda.
UNgqongqoshe uphinde wanxusa wonke amaqembu ezepolitiki ukuba asebenze ngokushesha ukuqinisekisa ukuthi imikhandlu ekhethiwe iyasungulwa ngokuhambisana noMthethosisekelo kanye neminye imithetho esebenzayo.
Uphinde wakhuthaza amaqembu ezepolitiki ukuba alandele imihlahlandlela yokwakhiwa kohulumeni bokubambisana phakathi kwamaqembu ezepolitiki (Guidelines for Stable Coalitions in Local Government).
Le mihlahlandlela ihlose ukuqinisekisa ukubusa ngokubambisana okusebenza kahle, ukuzinza kwezikhungo zomasipala kanye nokuqhubeka kokulethwa kwezidingongqangi emphakathini ngaphandle kokuphazamiseka.
Imihlahlandlela esayiniwe yathunyelwa eminyangweni yezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ezifundazweni nakomasipala mhla ziyi-11 kuNovemba 2026 ukuze iqale ukusetshenziswa.
UHlabisa uphinde wabonga iKhomishini yoKhetho (IEC) ngokuqinisekisa ukuthi inqubo yokhetho iyaphothulwa, nokuvulela omasipala ithuba lokusungula imikhandlu emisha ezohola ekulethweni kwezidingo zomphakathi.
Umthombo: SAnews.gov.za – 18 Novemba 2026

