UMBONO KAPHAKAMANI MTHETHWA OPONGOLA KWA MNGAMAZINI AREA MAYELANA NOKUHLUKUNYEZWA KWABANTU BESIFAZANE

Ukuhlukunyezwa kwabesifazane kunomthelela omubi emndenini,emphakathini kanti kugcina  kuphazamisa izingane ngokwempilo. Ziphazamiseka nasenqondweni zigcine zingasakwazi nokufunda kahle esikoleni

Imindeni ihlukana phakathi abanye beseke owesifazane abanye beseke owesilisa

Isikhathi esiningi abesilisa basebenzisa amandla phezu kwabesifazane,bebabukele phansi ngoba bengenawo amandla okuzilwela bagcina sebehlukunyezwa nangokocansi.

Owesifazane uma esezibuyiselela kowesilisa kuyenzeka kugcine sekuthiwa nguye owrong,empeleni usuke esekhathele ukubekezela kwazise nembongolo iyawulahla umthwalo mase ingasafuni lapho ngeke usayenza lutho.

Phansi ngokuhlukunyezwa kwabesifazane phansi!