UThembeka Mabaso waseMpangeni uthi kuyahlaleka nomuntu ophila nokukhubazeka

ZAMA MAJOLA

Owesifazane osekhulile igama lakhe nguThembeka Mabaso eDondotha kwesakwaMthethwa washiywa abazali bakhe bemshiya nezingane zakubo ezincane, waba esezikhulisa yena njengezakhe. Kulezi zingane zakubo kukhona neyentombazane ephila nokukhubazeka. Ubalule ukuthi le ntombazanyana engudadewabo ayizwa emadlebeni kanti futhi ayikwazi nokukhuluma kahle izwakale. Uthe kwakunzima kakhulu uma ecabanga ukuthi uzoyikhulisa kanjani ngoba wayesaba khona ukuthi yona ayifani nezinye. Uthe wayekhuleka mihla namalanga ukuthi uShembe amuqinise akwazi ukukhulisa ingane yakwabo ngendlela efanele.

Lo wesifazane ube esechaza ukuthi waqala ngokuyombhalisela imali ngenhlanhla basheshe bayithola. Wabe eseqinisekisa ukuthi konke okwakudingwa udadewabo uyakuthola kuze kube imanje.  “Engingakusho ukuthi akukho okudlula umkhuleko ucele kuShembe ukuthi akubonise indlela, kumele futhi sibathathise okwabantu abafana nathi noma ngabe bona baphila nokukhubazeka. Ukuze sizobakhulisa ngokungathuki nangendlela elungile kumele singabenzi behluke kwezinye izingane”, kusho yena. Uphinde wagcizelela ukuthi asikho isdingo sokusaba uma uhlala nomuntu okhubazekile ngoba naye ungumuntu njengawe. “Kuyahlaleka futhi kuyaphileka nomuntu okhubazekile, asibathande futhi sibavikele” engeza.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *