USinenhlanhla Mtshali onguMdidiyeli wamafilimu ufisa ukukhulisa intsha kulomkhakha

UMdidiyeli osamncane wemidlalo kaMabonakude njengamanje usebenza ngaphansi kwe-IQS Mel Productions. Uhambo lwakhe endimeni yeze-Film lwaqala esasebenza njenge “Best Girl Grip emdlalweni oluchungechunge, Uzalo.  “Ukuba yingxenye yozalo kwakha uthando ngomsebenzi wami ngaba nentshisekelo yokuqhubeka ngifunde ngikhule,”

Ngo-2020, waqhubeza ulwazi lwakhe njenge-Key Grip ohlelweni lwe-DFO Micro-Budget Films, nekulapho athola khona ulwazi olunzulu kwezokudidiyelwa kwamafilimu.  “Umsebenzi uwodwa, wawungiphakamisela phezulu, ungibumba futhi uthuthukisa nokuqonda kwami ezobuchwepheshe kanjalo nokusungula nje iFilimu,” Ngo-2021, wabe eseba yingxenye ye-IQS Mel Productions, ngokusemthethweni nokulapho waqhubekela phambili nokuthuthukisa ulwazi lwakhe kweze-Film. “Ngikwazile ukwakha ubudlelwano ngokuthi sisebenzisane ne-Harambee-SA, Youth Accelerator, Transnet TNPA Careers and Corporate Video, saqopha I-Music video ehlukene kanye nama-Film amafushane konke lokhu kwenzeka nje lukhula ngamandla uthando lwe-Storytelling kanjalo nokuhola ithimba labadidiyeli,”

Uqale ukuba umdidiyeli Nge-Film ebizwa ngokuthi Isiphetho, okuyiyo eyaqinisekisa ubizo lwakhe kulendima. “Njengamanje ngiyaziqhenya ukuthi ngingumdidiyeli we-iNguquko, okungumsebenzi wami wokuqala we-Feature Film, okungumdlalo onamandla oveza umbono weNkampani yethu, wokusebenzisana nentsha, Ngihlezi ngilangazelele ukuletha umfutho, ubuhlakani kanye nokuzinikela emsebenzini wami angizanga ukuzosebenza kuphela kulemboni kodwa ngizoyibumba.” Babe nombukiso obe impumelelo obungokhethekile  weFilm ebididiyelwa nguye,ubusingathwe yi-NuMetro, enxanxatheleni yezitolo i-Galleria Mall, eNingizimu yeTheku. Inhloso bekungukukhombisa abantu umsebenzi osuwenziwe nokubafundisa ngokwenzeka kuyona I-Film. Inyanga yokuqwashisa ngezengqondo bona bayigubhe ngalombukiso.

“Njengoba unyaka uphela, sengihlelela unyaka ozayo ngenze izinto ezinkulu futhi ngifundise nentsha esasemabangeni aphezulu esikoleni, ukubafundisa ngokubhekana nezimo ezithikameza umqondo ababhekana nazo ebunganeni babo, ukusebenzisa izidakamizwa sisebenzisa umdlalo wethu othi INguquko,” Ofisa ukuxhumana nami  WhatsApp/ Call: 074 6081 215 naku Facebook: Snenhlanhla Mtshali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *