UMasipala weTheku ngokubambisana namakhansela bazibophezelele ekuthuthukiseni umphakathi

SHEILA MHLONGO

USihlalo weKomidi lezokuHlaliswa kwaBantu, Ezobunjiniyela kanye nezokuThutha (Human Settlement, Engineering, and Transport Authority Committee), uKhansela Themba Mvubu, iPhini likaSihlalo, uKhansela Sifiso Mkhize kanye noKhansela waseWadi 2 uMakhosini Luthuli, bahambele uhlelo lokwakhiwa kwezindlu zaseMakhaya eMaphephetheni (eMaphephetheni Rural Housing Project) ukuyohlola isimo sokuqhubeka kwesigaba sesithathu (Phase 3) kwalolu hlelo.

Lesi sigaba kulindeleke ukuthi sikhiqize amayunithi ezindlu angu-1 132 kubahlomuli abafanelekile baseMaphephetheni ngesikhathi beqhubeka nokuhlola, oKhansela uMvubu, uMkhize, noLuthuli baphinde benza umsebenzi wokunikezela ngezindlu ezingu-7 esezivele ziqediwe kubanikazi. Lokhu kuyingxenye yamayunithi angu-52 aseqediwe kusukela umsebenzi waqala ngoFebhuwari. Phakathi kwabahlomulile  abathole amakhaya abo amasha kubalwa uGogo Dudu Gwala (67) waseMgangeni kanye noSimangale Shozi (46) waseMbozama ukubala nje abambalwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *