UPat Nkonyeni uncoma ukwethembeka komsunguli we KZN Namuhla Artists Awards

ICikokazi lomculo weGospel eseliziwinele inqwaba yezindondo kuma-Awards ehlukene uPat Nkonyeni

UPat Nkonyeni uncoma kakhulu umsebenzi omuhle kanye nokwethembeka koMsunguli kanye noMhleli we-KZN Namuhla Artists Awards ngenxa yendlela aphethe kahle ngayo amaCiko.

“Into engenza ngilokhu ngingenela ngiphindelela kuma KZN Namuhla Artists Awards, kungenxa yempatho enhle yomphathi, uyawacabangela amaCiko nokuba nobuntu, uneqiniso kuyoyonke into ayithembisile akaguquki kwizethembiso zakhe, okunye futhi uyakwazi ukukhuluma kahle namaCiko ngendlela enenhlonipho.Konke lokhu kwenza ukuthi singamaCiko sihlale silangazelela ukungenela ama Awards e-KZN Namuhla.” Kuchaza uPat Nkonyeni.

Unyaka nonyaka uthi liya ngokwenyukela izinga lama KZN Namuhla Artists Awards kanti namaCiko ayanda ngokuba nothando lokungenela unyaka nonyaka njengoba edonsa amaCiko avela kuzifudazwe ezahlukene eNingizimu Afrika.Esinye isizathu esenza lokhu ukuthi imiklomelo ihambisana nemali etholakala ngaphambi kosuku lomcimbi, ukuze wonke umuntu akwazi ukuthi akhokhele izindleko zokugibela, lokhu okwenza ukuthi amaCiko akwazi ukuba khona emcimbini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *