
SHEILA MHLONGO
I-South African Social Security Agency (SASSA) inxusa abahlomuli bezibonelelo zomphakathi ukuthi bangazishayi indiva izaziso ze-SMS ezibabizela ukuthi baziveze ukuze kubuyekezwe izibonelelo zabo.
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesibili, lomhlaka 18 Febhuwari, le nhlangano ithe abahlomuli abathola i-SMS ebacela ukuthi baziveze ohlelweni lokubuyekezwa kwesibonelelo kumele bavakashele ngokushesha ihhovisi eliseduze le-SASSA ukuze bagweme ukuphelelwa noma ukumiswa kokukhokhelwa kwezibonelelo zabo.
I-SASSA ichaze ukuthi ukubuyekezwa kwezibonelelo zomphakathi kugunyazwe ngumthetho i-Social Assistance Act, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi izibonelelo zikhokhelwa abantu abafanele, abafanelekile ngokusemthethweni nabazidingayo ngempela.
“Abahlomuli kumele baqinisekise ukuthi imininingwane yazo yokuxhumana ivuselelwe ohlelweni lwe-SASSA. Ukuba nemininingwane ebuyekeziwe kuzosiza ekuqinisekiseni ukufaneleka kanye nokuqinisekiswa kokuphila (life certification), kuphinde kuqinise ukuxhumana phakathi komhlomuli nenhlangano. Lokhu kuzosiza abahlomuli ukuthi bathole izaziso ezibalulekile ezithinta isimo sezibonelelo zabo.
“Abahlomuli kudingeka badlule enqubweni yokubuyekezwa kwesibonelelo ukuze kuqinisekiswe ukuthi basafaneleka ukuthola usizo lomphakathi, kugwenywe ubuqili noma izicelo eziphindaphindwayo ezingaholela ekusetshenzisweni kabi kwemali yomphakathi, okuyicala ngokomthetho,” kusho le nhlangano.
Njengamanje, ukubuyekezwa kwezibonelelo kwenziwa emahhovisi aqokiwe noma ezikhungweni zesevisi ze-SASSA. Le nhlangano iveze ukuthi ingase yethule indlela yokubuyekezwa nge-inthanethi esikhathini esizayo ukuze kuncishiswe ukuminyana emahhovisi nokwehlisa izindleko zokuhamba zabahlomuli.
Ngeminye imininingwane, abahlomuli bangathintana ne-SASSA ngenombolo yamahhala ethi 0800 60 10 11 ngezikhathi zomsebenzi, kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.– SAnews.gov.za

