UMengameli uRamaphosa uthi ukubulawa kwabesifazane e-Ekurhuleni kumele kubekwe eqhulwini

UMengameli Cyril Ramaphosa uyalele amaphoyisa ukuba abeke eqhulwini uphenyo mayelana nokubulawa kwabesifazane abayisithupha e-Ekurhuleni.

SHEILA MHLONNGO

UMengameli Cyril Ramaphosa uyalele amaphoyisa ukuba abeke eqhulwini uphenyo mayelana nokubulawa kwabesifazane abayisithupha e-Ekurhuleni.

Ngempelasonto, amaphoyisa adalule ukuthi kutholwe izidumbu zabesifazane abane endaweni efanayo phakathi nesikhathi esicishe sibe yizinyanga ezimbili.

NgoMsombuluko, 14 Septhemba 2026, kwaphinde kwatholakala ezinye izidumbu ezimbili ezindaweni ezahlukene e-Ekurhuleni. Esinye sitholwe ngoMsombuluko, kwathi esinye satholakala ngoLwesibili ekuseni, 15 Septhemba 2026.

“Izinhlaka zethu zokugcinwa komthetho zisebenza ngokuphuthuma ukuthola amaqiniso, ukuvikela imiphakathi nokuletha umenzi noma abenzi balobu bugebengu phambi kobulungiswa.

“Ngikhulumile noNgqongqoshe wamaPhoyisa kanye noKhomishana Kazwelonke wamaPhoyisa obambile, abangichazele ngenqubekelaphambili yophenyo. Ngiyalele ukuthi la macala abekwe eqhulwini futhi kusetshenziswe zonke izindlela ezikhona ukuze labo abathintekayo babhekane nengalo yomthetho.

“Izinhlaka zethu zokugcinwa komthetho zenza lo msebenzi ngokubambisana nezakhamuzi, esithembele kuzo ukuba zinikeze noma yiluphi ulwazi olungasiza ekuqedeni lokhu kuhlaselwa kwabesifazane,” kusho uMengameli Ramaphosa esitatimendeni ngoLwesibili.

Omunye wezisulu eziyisithupha ngu-Elizabeth “Tsontso” Moselakgomo, 38, ukunyamalala kwakhe ngempelasonto okuholele ekusakazekeni kabanzi kwemibiko ngalezi zigameko.

Isidumbu sakhe sihlonzwe ngokusemthethweni ngumndeni wakhe ngoMsombuluko.

“Ngikhulumela sonke uma ngidlulisa amazwi enduduzo emindenini nasemiphakathini ethintekile ngenxa yokubulawa kwabesifazane abasanda kutholwa eKempton Park nasezindaweni ezizungezile.

“Lezi zigameko zidala ukwesaba nokungaqiniseki emiphakathini yethu, ikakhulukazi kwabesifazane,” kusho uMengameli.

UMengameli uqinisekise umphakathi ukuthi uhulumeni uyabelana nokukhathazeka kwabo bonke abantu baseNingizimu Afrika futhi ukhalela izimpilo ezithathwe ngesihluku.

“Njengesizwe, kufanele sisukume sivikele amalungelo, ukuphepha nesithunzi sabesifazane namantombazane. Izinhliziyo zethu zikuyo yonke imindeni ethintekile ngenxa yalezi zigameko ezinyantisayo ezenzeke endaweni yaseKempton Park.

“Uma kukhona onolwazi ngalezi zigameko, noma kunesihlobo noma umngani wakho olahlekile, sicela uxhumane noWarrant Officer Elvis Manyike kule nombolo ethi: 082 465 7249,” kusho uMengameli Ramaphosa.

Khonamanjalo, uNgqongqoshe wamaPhoyisa obambile, uFiroz Cachalia, uzwakalise ukukhathazeka okukhulu futhi wadlulisa amazwi enduduzo kulandela ukutholakala kwalezi zidumbu.

“Ukutholakala kwezidumbu zabesifazane abaningi ababulewe endaweni yaseKempton Park kuyethusa kakhulu. Nakuba uphenyo kusafanele luveze ukuthi la macala ayahlobana yini, ukuthi kungenzeka kube khona umenzi noma abenzi abaqonde ukuhlasela abesifazane kudinga ukuba kuthathelwe izinyathelo eziphuthumayo neziqinile,” kusho uNgqongqoshe.

Amaphoyisa aseNingizimu Afrika, i-SAPS, afunge ukuthi azobathola futhi ababophe labo ababhekene nalokhu kubulawa.

– SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *