UHlabisa unxusa ukwesekwa koMasipala njengoba kuqhubeka izingxoxo zokubumba oHulumeni bobambiswano

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (CoGTA), uVelenkosini Hlabisa

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (CoGTA), uVelenkosini Hlabisa, unxuse bonke ababambiqhaza emkhakheni wohulumeni basekhaya ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo ekwesekeni omasipala, ikakhulukazi labo ababhekene nezingxoxo zokubunjwa kohulumeni bomfelandawonye.

Lokhu kuza ngesikhathi amakhansela asanda kukhethwa elungiselela ukusungula imikhandlu emisha yomasipala kulandela uKhetho Lohulumeni Basekhaya lwangowezi-2026.

UNgqongqoshe wenze lesi sicelo emhlanganweni okhethekile woNgqongqoshe namalungu eMikhandlu ePhethe ezifundazweni (MINMEC), obubanjwe ngoLwesibili.

Inhloso yalo mhlangano bekuwukudingida nokucubungula imihlahlandlela yokwakhiwa kohulumeni bomfelandawonye abazinzile kohulumeni basekhaya (Guidelines for Stable Coalitions in Local Government).

Le mihlahlandlela ihlose ukusiza omasipala ukuphatha izivumelwano zokusebenzisana phakathi kwamaqembu ezombusazwe kanye nokuqinisekisa uzinzo esikhathini esisha sokuphatha.

“Njengomkhakha, kufanele sibambe iqhaza elibonakalayo ekwesekeni omasipala kuyo yonke le nqubo, ikakhulukazi labo lapho kungekho qembu lezombusazwe elithole iningi elanele ukuze libuse lodwa, nalapho izingxoxo phakathi kwamaqembu zingase ziholele ekungavumelaneni noma ekubambezelekeni kokusungulwa kwemikhandlu,” kusho uHlabisa.

Umhlangano ubuhlanganise ubuholi beCoGTA, abamele iNdlu kaZwelonke yabaHoli boMdabu namaKhoi-San, oNgqongqoshe bezifundazwe ababhekele ohulumeni basekhaya, kanye nabaholi beNhlangano Yohulumeni Basekhaya eNingizimu Afrika (SALGA).

Bekukhona nabamele iMunicipal Demarcation Board kanye nezinhlaka zeCoGTA kuzwelonke nasezifundazweni.

Lo mhlangano okhethekile ulandele umhlangano wezobuchwepheshe weMINMEC obubanjwe ngoMsombuluko, lapho kwacutshungulwa khona uhlaka lwemihlahlandlela, kwafakwa iziphakamiso zochwepheshe ngaphambi kokuba umbhalo obuyekeziwe wethulwe emhlanganweni wezepolitiki ukuze ucutshungulwe futhi ugunyazwe.

UHlabisa uncome umsebenzi owenziwe umkhakha weCoGTA ngaphambi nangesikhathi soKhetho Lohulumeni Basekhaya lwangowezi-2026.

Uthe amalungiselelo nokusebenzisana phakathi kwezinhlaka zikahulumeni kusize omasipala ukuba balungele inqubo yokhetho lwentando yeningi.

INSELELO YEMIKHANDLU ENGENALO IQEMBU ELINENINGI

Ngemuva kokuphothulwa kokhetho mhla zizi-4 kuLwezi 2026, into ephuthumayo ukuqinisekisa ukuthi imikhandlu yomasipala esanda kukhethwa iyasungulwa ngesikhathi esibekwe uMthethosisekelo nemithetho yezwe.

Imiphumela yokhetho iveze omasipala abaningana lapho kungekho qembu lezombusazwe elithole iningi elanele lokubusa lodwa.

Lokhu kusho ukuthi amaqembu ezombusazwe kudingeka axoxisane ngokwakha ohulumeni bomfelandawonye noma ezinye izindlela zokusebenzisana ukuze akwazi ukuthola iningi elidingekayo ekuphathweni komasipala.

UNgqongqoshe uthe lesi simo sidinga ukuvuthwa kwezepolitiki nokuzibophezela ngokubambisana ukuze izivumelwano zamaqembu ezombusazwe ziqinisekise uzinzo, ukuphendula ngobuqotho kanye nokuqhubeka kokusebenza kohulumeni basekhaya.

IMIHLAHLANDLELA YESIKHASHANA YOKULAWULA OHULUMENI BOMFELANDAWONYE

UHlabisa uveze ukuthi uMthethosivivinywa Wokuchibiyela uMthetho Wezinhlaka Zomasipala wangowezi-2026 (Local Government: Municipal Structures Amendment Bill), owaziwa ngokuthi yiMunicipal Coalitions Bill, usaqhubeka nezinqubo zasePhalamende.

Lokhu kusho ukuthi awukakabi umthetho ongase usetshenziswe njengohlaka olusemthethweni lokulawula ohulumeni bomfelandawonye kohulumeni basekhaya.

Ngenxa yalokho, imihlahlandlela esanda kugunyazwa izosebenza njengohlaka lwesikhashana lokusiza amaqembu ezombusazwe nomasipala ekuxoxisaneni ngezivumelwano zokubusa ngokubambisana, ekuxazululeni ukungaboni ngaso linye nasekusunguleni izinhlelo zokuphatha ezizinzile.

Le mihlahlandlela ihlose ukubhekana nezinkinga ezike zenzeka komasipala lapho ohulumeni bomfelandawonye abangazinzile beholele ekushintshweni njalo kobuholi bezepolitiki, ekubambezelekeni kwezinqumo nasekuphazamisekeni kokuphathwa komasipala.

UHlabisa uthe esikhathini esedlule ukungazinzi kohulumeni bomfelandawonye kuholele ekuphathweni kabi komasipala.

Uchaze ukuthi lokhu kwenzeka lapho amandla phakathi kwamaqembu abambisene eshintsha, okuholela ekususweni nasekukhethweni njalo kosomlomo nezimeya, kwesinye isikhathi ngenxa yezinhloso zamaqembu zokuzuza amandla ezepolitiki.

Uphinde waxwayisa ngokuthi ukubambezeleka kokukhethwa kwezikhulu noma ukugcwaliswa kwezikhala kungadala isimo sokungabi khona kobuholi obusebenzayo.

“UMkhandlu ongasebenzi ngendlela efanele ugcina usuphazamisa ukusebenza kwabaphathi bakaMasipala, okuyinto enomthelela omubi ekuhlinzekweni kwezidingo kubahlali.

“Ngakho-ke, imihlahlandlela yokwakhiwa kohulumeni bomfelandawonye abazinzile ihlose ukusiza imikhandlu ebuswa ngokubambisana ukuba ibe nobuholi obuzinzile nobusebenzayo. Lokhu kuzoholela ekuphathweni okungcono nasekuhlinzekweni kwezidingo zomphakathi ngaphandle kokuphazamiseka,” kusho uHlabisa.

IMIKHANDLU EMISHA KUMELE ISUNGULWE NGESIKHATHI ESIBEKWE UMTHETHO

Umhlangano waziswe ukuthi iKhomishini Yokhetho Ezimele yaseNingizimu Afrika (IEC) kulindeleke ukuthi ishicilele ngokusemthethweni imiphumela yokhetho kuGazethi kaHulumeni kuleli sonto.

Ukushicilelwa kwale miphumela kuqala ukubalwa kwezinsuku eziyi-14 ezibekwe ngumthetho, lapho kufanele kusungulwe khona imikhandlu yomasipala bamadolobha amakhulu kanye neyomasipala basekhaya.

Ngokohlelo lwezikhathi olwethulwe emhlanganweni, le nqubo izoqhubeka kusukela mhla ziyi-12 kuya kumhla zingama-26 kuLwezi 2026.

Ukusungulwa kwemikhandlu yomasipala bezifunda kuzolandela uma yonke imikhandlu yomasipala basekhaya abangaphansi kwalezo zifunda isisunguliwe.

Imikhandlu yezifunda ayikwazi ukusungulwa ngaphambi kokuba kusungulwe imikhandlu yomasipala basekhaya abangaphansi kwayo.

UHlabisa unxuse amaqembu ezombusazwe nomasipala ukuthi baqinisekise ukuphothulwa kwale nqubo ngesikhathi esibekwe ngumthetho.

Uxwayise ngokuthi ukubambezeleka kungaphazamisa ukuphathwa komasipala kanye nokuhlinzekwa kwezidingo zomphakathi.

Uthe lapho umasipala wehluleka ukusungula uMkhandlu wawo ngesikhathi esibekiwe, udaba kufanele lusingathwe ngokuhambisana nemithetho nezinqubo ezisebenzayo.

“Ngemuva kokusungulwa kwale mikhandlu, iCoGTA ngokubambisana nohulumeni bezifundazwe nabanye ababambiqhaza izoqhubeka nokuhlinzeka ngokwesekwa, iziqondiso kanye nokuqapha ukusebenza komasipala kuso sonke isikhathi esisha sokuphatha,” kusho uHlabisa.

UHULUMENI UZOGXILA KOMASIPALA ABABHEKENE NEZINSELELO

UNgqongqoshe uthe lokhu kwesekwa kuzobaluleka kakhulu komasipala lapho kungekho qembu elithole iningi elanele lokubusa lodwa, kanye nakulabo abake babhekwa njengabangasebenzi ngendlela efanele noma ababhekene nezinselelo ezinkulu zokuphatha.

Uphinde wagcizelela ukuthi izivumelwano zezombusazwe akumele ziphazamise ukusebenza kwabaphathi bomasipala, zibambezele ukuhlinzekwa kwezidingo zomphakathi noma zithikameze amandla omasipala okufeza izibopho zabo ngokweMthethosisekelo.

UHlabisa unxuse oNgqongqoshe bezifundazwe ababhekele ohulumeni basekhaya ukuthi bahlale bekulungele ukusiza omasipala ngesikhathi sokusungulwa kwemikhandlu emisha.

Uphinde wakhuthaza amaqembu ezombusazwe ukuthi asebenzise le mihlahlandlela ukuze kube nendlela efanayo yokwakha ohulumeni basekhaya abazinzile, abasebenza ngendlela efanele futhi abaphendulayo ngezinqumo nezenzo zabo.

Umthombo: SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *