
UMengameli waseNingizimu Afrika, uCyril Ramaphosa,
UMengameli waseNingizimu Afrika, uCyril Ramaphosa, ugcizelele ukubaluleka kokuba nezinhlelo zezobulungiswa ezifinyeleleka kalula, ezisabela ezidingweni zomphakathi futhi ezibeka izidingo zabantu abajwayelekile eqhulwini.
Uxwayise ngokuthi ubulungiswa obungafinyeleleki kalula, obubambezelekayo noma obutholwa kuphela yilabo abanamalungelo akhethekile, bubukela phansi intando yeningi.
UMengameli ubethula inkulumo engqungqutheleni yamazwe ngamazwe emayelana nokufinyelela kwezobulungiswa (International Conference on Access to Justice), eqale ngoLwesine eSun City Convention Centre, esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga.
Ugcizelele isidingo sokuvala igebe phakathi kwamalungelo obulungiswa athenjiswa uMthethosisekelo kanye nezimo abantu abajwayelekile ababhekana nazo empilweni yabo yansuku zonke.
“Ubulungiswa obungafinyeleleki bufana nobulungiswa obunqatshelwe umuntu. Ubulungiswa obubambezelekayo, obukhungethwe inkohlakalo noma obutholwa kuphela yilabo abanamalungelo akhethekile, bubukela phansi intando yeningi uqobo,” kusho uRamaphosa.
Le ngqungquthela ibanjwe ngaphansi kwendikimba ethi: Ukuqinisa Izinhlelo Zezobulungiswa Ezibeka Abantu Eqhulwini: Ukujulisa Intando Yeningi.
Ihlanganise abamele ohulumeni, izinkantolo, izinhlangano zamazwe ngamazwe, abameli, ochwepheshe bezomthetho kanye nezinhlangano zomphakathi ezivela emazweni ahlukahlukene.
UKUVALWA KWEGEBE PHAKATHI KWAMALUNGELO NOMPHILO WABANTU
UMengameli Ramaphosa uveze ukuthi nakuba iNingizimu Afrika izobe igubha iminyaka engama-30 kwasayinwa uMthethosisekelo wentando yeningi ngenyanga ezayo, ukuba khona kwamalungelo abhalwe kuMthethosisekelo akusho ukuthi bonke abantu bayakwazi ukuwasebenzisa.
“Umuntu angaba nelungelo lokuphathwa ngokulinganayo kodwa aqhubeke nokubandlululwa. Umuntu angaba nelungelo lokuhlonishwa kwesithunzi sakhe kodwa aqhubeke nokuhlukunyezwa nokwehliswa isithunzi.
“Umuntu angaba nelungelo lokuya enkantolo kodwa angakwazi ukukhokhela ummeli, izindleko zokuhamba aye enkantolo noma ukuqonda izinqubo zomthetho eziyinkimbinkimbi,” kusho uMengameli.
Uthe inselelo enkulu ukuqinisekisa ukuthi amalungelo aqinisekiswe uMthethosisekelo aholela ekuvikelweni kwabantu nasekutholeni usizo olusebenzayo lapho bephucwa amalungelo abo.
Ugcizelele ukuthi ukufinyelela kwezobulungiswa akumele kugcine ngokukwazi ukuya enkantolo kuphela, kodwa kumele kubandakanye ukuqonda amalungelo, ukuthola usizo lwezomthetho, ukuphikisa ukusetshenziswa kabi kwamandla kanye nokuthola izixazululo ezifanele.
“Uhlelo lwezobulungiswa akumele luvuleleke kubantu kuphela, kodwa kumele lubasebenzele,” kusho uRamaphosa.
UBUBHA NOKUNGAFINYELELEKI KOBUCHWEPHESHE KUVIMBA UBULUNGISWA
UMengameli uveze ukuthi ububha bungenye yezingqinamba ezinkulu ezivimbela abantu ekutholeni ubulungiswa.
Uthe ububha bunciphisa amathuba abantu okukhetha, buthaka amandla abo okuxoxisana futhi bubabeka engcupheni yokuxhashazwa.
Ugcizelele ukuthi uhulumeni unesibopho sokuqinisekisa ukuthi izikhungo zezobulungiswa zinezinsiza ezanele, zisebenza ngendlela efanele, zizimele futhi ziyakwazi ukuphendula izidingo zomphakathi.
Lokhu kubandakanya ukuqiniswa kwezinsiza zosizo lwezomthetho, ukwesekwa kwezikhungo zomphakathi ezihlinzeka ngosizo lwezomthetho kanye nokwenza ulwazi lwezomthetho lutholakale ngezilimi nangezindlela abantu abaziqondayo.
URamaphosa uncome umsebenzi owenziwa yiLegal Aid South Africa ekuhlinzekeni ngosizo lwabameli kubantu abangenawo amandla okukhokhela izindleko zomthetho.
Uphinde wagqamisa ukubaluleka kweziNkantolo Zokulingana (Equality Courts), amahhovisi omphakathi anikeza izeluleko, izinhlangano zomphakathi kanye nabameli abasebenzela ukuvikela izintshisekelo zomphakathi.
Uthe ubuchwepheshe besimanje, izinsiza zedijithali kanye nezindlela zokuxazulula izingxabano ngaphandle kwezinkantolo kungasiza ekunciphiseni izindleko nobunzima bokuthola ubulungiswa.
Nokho, uxwayise ngokuthi ubuchwepheshe akumele budale ezinye izithiyo kubantu abangakwazi ukufinyelela ezinsizeni zedijithali.
“Ubuchwepheshe akumele budale igebe elisha phakathi kwalabo abakwazi ukusebenzisa izinsiza zedijithali nalabo abangakwazi ukuzifinyelela,” kusho uMengameli.
UBULUNGISWA KUMELE BUTHOLWE YIWO WONKE UMUNTU
URamaphosa uphinde waxwayisa ngokuthi amandla ezomnotho akumele asetshenziswe ukuvikela abantu noma izikhungo ekutheni ziphendule ngezenzo zazo.
Uthe umthetho kumele uvikele wonke umuntu futhi unikeze izindlela zokulungisa ukungabi nabulungiswa, kungakhathalekile ukuthi kwenziwe uhulumeni, inkampani, umqashi, isikhungo sezezimali noma umuntu ngamunye.
“Umphakathi awukwazi ukubizwa ngokuthi unobulungiswa bangempela uma amandla omuntu okuvikela amalungelo akhe encike ebuningini bemali anayo ebhange,” kusho uRamaphosa.
Unxuse ukuba kuqiniswe izinkantolo ezizimele, izikhungo eziqapha ukuthotshelwa kwemithetho, izindlela ezilula zokufaka izikhalo, izikhungo zezabasebenzi ezisebenza ngobulungiswa kanye neziphathimandla ezivikela abathengi.
IZINTO EZINTATHU OKUMELE ZIBE SEQHULWINI
UMengameli unxuse izithunywa ezihambele ingqungquthela ukuthi zigxile ezintweni ezintathu ezibalulekile:
- Ukuqinisekisa ukuthi abantu abampofu nabasengozini bayakwazi ukuthola ubulungiswa kalula.
- Ukwakha izikhungo zezobulungiswa ezizimele, eziphendulayo ngezenzo zazo futhi ezisebenza ngendlela efanele.
- Ukusungula izindlela ezicacile zokulinganisa ukuthi izinhlelo zezobulungiswa ziyayithuthukisa yini impilo yabantu.
Uthe akumele kubhekwe kuphela isibalo samacala aphothulwe yizinkantolo, kodwa kumele kubhekwe nokuthi abantu balinda isikhathi esingakanani ukuthola ubulungiswa, izindleko ababhekana nazo, ukuthi izinqumo zithathwa ngobulungiswa yini nokuthi ziyalandelwa yini.
Ugcizelele ukuthi ingqungquthela kumele iveze uhlelo olusebenzayo lokuletha izinguquko, kunokugcina ngokwenza izimemezelo nezithembiso ezingaholeli emiphumeleni ebonakalayo.
UKUVUSELELWA KWESITHEMBISO SOBULUNGISWA
Ekhuluma ngokubaluleka kokubanjelwa kwale ngqungquthela eSun City, uRamaphosa ukhumbuze izithunywa ukuthi ngesikhathi sobandlululo, le ndawo yayaziwa emhlabeni jikelele ngokuhlobana nokuhlukaniswa kwabantu ngokobuhlanga kanye nokungalingani.
“Namuhla, abamele amazwe nezikhungo ezivela emhlabeni wonke bahlangene lapha ukuzoqhakambisa ubulungiswa, ukulingana nokuhlonishwa kwesithunzi somuntu,” kusho uMengameli.
Uthe ukuguquka kwale ndawo kukhombisa ukuthi izikhungo nemiphakathi ingakwazi ukushintsha uma kukhona isibindi, ukuzimisela nokubambisana.
Njengoba iNingizimu Afrika isondela ekugubheni iminyaka engama-30 yoMthethosisekelo, uRamaphosa uthe isithembiso sobulungiswa, ukuhlonishwa kwesithunzi somuntu nokulingana kumele sivuselelwe ngezenzo nsuku zonke.
“Ubulungiswa akumele nanini bube yilungelo labambalwa kuphela. Kumele bube yilungelo labo bonke abantu futhi bube yinto abayitholayo nabayizwayo empilweni yabo yansuku zonke,” kuphetha uMengameli Ramaphosa.
Umthombo: SAnews.gov.

