Kubungazwe ubuqhawe  bomakadebona bezicishamlilo eThekwini

ESITHOMBENI- Abacishimlilo asebathatha umhlaphansi ngenkathi behlangene emcimbini waminyaka yonke bebungaza umsebenzi wabo weminyaka kulendima yokuhlenga imiphakathi kuzinhlekelele zomlilo

OWAMI THABETHE

Izicishamlilo esezathatha umhlalaphansi ezivela ezingxenyeni ezahlukene zaseNingizimu Afrika zihlangane eSherwood, eThekwini, ngoLwesihlanu mhla zingama-6 kuLwezi, ngenhloso yokubungaza umsebenzi wazo wokuzinikela ekusindiseni izimpilo zabantu nasekuvikeleni imiphakathi.

Lo mhlangano, obizwa ngokuthi iDurban Firefighters Reunion, uhlanganise izicishamlilo esezathatha umhlalaphansi kanye nalabo asebechithe iminyaka eminingi kulo mkhakha, kwaba yithuba lokuphinde bahlangane, babelane ngezinkumbulo namava, baphinde bakhumbuzane ngezikhathi lapho babebeka khona izimpilo zabo engcupheni ukuze kusindiswe abanye.

Lo mcimbi ubanjwa ngoLwesihlanu lokuqala kuLwezi minyaka yonke futhi usukhule waba umhlangano omkhulu ohlanganisa omakadebona bezicishamlilo, baphinde bakhumbula labo abashona besemsebenzini, ukuhlonipha ifa lomsebenzi wezicishamlilo nokugcina ubungane bakudala buqinile.

OwayenguSihlalo  wezicishamlilo eThekwini,  oneminyaka engaphezu kuka- 60 uMnuz Martin Brtiz, ugcizelele ukuthi umsebenzi wokucima umlilo awugcini ngokucisha amalangabi, kodwa uyingxenye ebalulekile yokuvikela impilo, impahla kanye nokuphepha komphakathi.

“Sasibeka izimpilo zethu engcupheni ngoba sasikholelwa ekusindiseni abantu nasekusebenzeleni imiphakathi. Namuhla siyabonga ukuthi sisaphila ukuze sixoxe ngezikhathi esadlula kuzo futhi sidlulisele ulwazi lwethu kwabasaqhubeka nalo msebenzi,” kusho uBrtiz.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *