UMxolisi Mtshali uzotshala uthando ngePoet in a Suit

ZETHU PHOSWA 

Izimbongi zizohaya zidedelana zigubha inyanga yothando kwiPoet in a Suit eRoyal Hotel, eThekwini ngoMgqibelo kusukela ngo-7 ebusuku.

Phakathi kosonkondlo abazobe behaya kulo mcimbi kubalwa uMxolisi Mtshali weZulu Love Letter, umculi uMusiholiq wengoma ethi Zimbeqolo nethi Gawuwulubheke, uKhumbulani “Jobe,” Sithole, Kholeka Putuma, NomaShenge, Luyanda M, Lethu Nkwanyane noSteel The Poet. Umhleli wePoet in a Suit, uMxolisi uthe uhlose ukunikeza osonkondlo inkundla yokuba zishiyelane inkundla. 

“Mina ngize ngathola ithuba lokuveza ikhono lami emicimbini yosomahlaya neyomculo. Beyingekho inkundla ebiqondene nosonkondlo. Abantu abaningi bebazi ukuthi azikho ezinye izimbongi ngenxa yokuthi bebebona mina kuphela.” Uthe lokho bekwenza kubenzima kwizimbongi ukubiza imali efanele ngoba abahleli bemicimbi bebekhuza ibhadi. Uthe uyajabula ngoba lomcimbi ukwazile ukukhulisa lomkhakha eThekwini naseKZN namaphethelo kwaze kwaklapakela nakwezinye izifundazwe okubalwa kuzo iWestern Cape, Gauteng neFree State. Eqhuba uMxolisi uthe kulo mcimbi bakwazile ukumema amaciko anjengoSello Maake kaNcube, umrepha uZakwe nomculi uKabomo. Echaza uMxolisi uthe waqhamuka nalo mqondo ngo2014 ngenhloso yokuba izimbongi ziswenke bese zihaya ehhotela futhi ukuze zikwazi ukuheha nabantu abasebenzayo. Uthe babe sebeqhamuka nomqondo wokuba bathake izinkondlo nomculo ongasoze wabuna. “Yingakho kulokhu silande uMusiholiQ osesebenze nabaculi abaningi abahlonishwayo kuleli abanjengoBig Zulu.” Uthe lomcimbi uwuqondanise nenyanga yothando ngenhloso yokulwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nodlame lomndeni. “Yingakho lomcimbi siwubize ngeDudlu ngoba sifuna ukuvuselela uthando lwakudala kubantu. Sifuna ukuvuselela ukuxhumana nokuncomana kwakudala. Ukulahleka kwakho yikho okwenza lezi zinxushunxushu ezikhona manje. Awukwazi ukubiza umuntu ngembali, wena futhi uphinde umsakaze ngempama. Akuwenzi umqondo lokho. Awukwazi futhi ukubiza umuntu ngendlovukazi, ubuye umgeje ngesagila.”

Uthe kulo mcimbi kuzobuye kube nomdlalo lapho izinsizwa zizoqhudelana ngokushela izintombi bese kuthi ecikoze kahle iklonyeliswe ngokuthize. Uthe izithameli kuningi ezizozijabulisa ngakho kulo mcimbi. Uthe amathikithi aseyatholakala ezitolo zakwaShoprite ngo-R200.