UNtokozo Jama odabuka eJolivet esigodini saseNyavini ungene endimeni yomculo we Hip-Hop ngonyaka ka-2013 eneminyaka eneminyaka eyisikhombisa(7) ngemumva kokugqugquzelwa ingoma enesihloko esithi wahamba.
Ezikhulumela ngowakhe nephephandaba uthe, “uthando lomculo kimi luqale ngonyaka ka2013 ngemumva kokuthanda ingoma enesihloko esithi: WAHAMBA eyayikhishwe abafana ababili abacula iHip-Hop ababedume kakhulu ngalezo zikhathi uMC Killah no Silent Killah, lengoma yanginikeza umfutho ngenye indlela. Endimeni yomculo ngisebenza noSnikiwe Shazi obizwa ngoMshazer okunguyena uprojusa wami ongilekelelayo kukho konke engikwenzayo”, kuchaza uJuice Kid.
Eqhuba inkulumo yakhe uthe unazo izingqinamba abhekene nazo ezinye zazo ukuthi ubengakasitholi istudio esizomukhiphela umculo wakhe ngendlela ayithandayo nafisa ube iyona ngenkinga yokungabi nemali njengoba kungekho lapho ethola khona uxhaso, uyafisa abantu abangosomabhizinisi abake batshale imali ethalenteni letsha esafufusa uyacela ukuthi nakuye baselule isandla nanoma ingaluphu ixhaso oluzokwenza ukuthi aqhubeke akwazi ukuqopha umculo wakhe aphinde akhule njengeciko.
“Umculo wami bengingakawufaki ezitolo eziningi ezidayisa umculo kwi-inthanethi okwamanje usatholakala endaweni eyodwa iGroca Africa okuyiyona engiyisebenzisayo noma umuntu axhumane nami ngqo ngizobe sengiyamuthumelela uxhaso ekusabalaliseni umculo wami ngingaluthokozela kakhulu” kuphetha uJuice Kid.
Uma ufuna ukuxhumana noJuice Kid ungashayela lenombolo etholakalayo naku Whats’app: 0763916007 noma kwi email: juicemnqobi@gmail.com.